AmaZulu FC (0) 1
Royal AM (0) 0
AMAZULU azibekisele indawo emzuliswaneni weLast 16 kwiNedbank Cup eguqisa iRoyal AM emdlalweni we-Last 32 womkhaya baKwaZulu-Natal eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesine ebusuku.
Usuthu lukhombise zibekwa ebhandeni ngokuzimisela kwalo ngokusheshe luthole igoli, luhlasela zisuka. Ngomzuzu wokuqala nje umdlalo uqalile unozinti weRoyal AM, uHugo Nyame uvimbe ibhola elibi ebelithunyelwe wuChidi Kwem.
Ngomzuzu ka-36 uRamahlwe Mphahlele ucishe washayela AmaZulu igoli kodwa ibhola lakhe laphuma phezu kwepali.
Ngemuva kwalokho, aboSuthu bacishe bazisola, kwala kancane uMxolisi Macuphu abeke iRoyal AM phambili sekusele alithinte kancane libhajwe enethini.
Empeleni ngesiwombe sokuqala AmaZulu yiwona athole amathuba amaningi okubhakuzisa inethi kodwa ehluleka wukuwasebenzisa, uNyame ala ukhasha ezintini.
Ngesiwombe sesibili iqembu likaShauwn Mkhizee lenze izinguquko lifaka umgadli uMotebang Sera endaweni kaMacuphu nesitobha uSabelo Sithole endaweni kaThabo Matlaba ophume eselimele.
AmaZulu nawo enze izinguquko efaka uJunior Dion endaweni kaKwem noHendrick Ekstein endaweni kaMoremi.
USiphesihle Msomi we-AM obesephume qekelele uhlulwe wukuvalela phakathi igoli ngomzuzu ka-62 esebhekene nonozinti waMaZulu, u-Olwethu Mzimela.
Ukungena kuka-Ekstein noDion kwenze umehluko omkhulu ekuhlaseleni kwaMaZulu njengoba abesehlasela ngamandla.
Nebala ukucindezela koSuthu kugcine kuthele izithelo ngemizuzu yokugcina u-Ekstein eqedela ibhola ebelishise unozinti we-AM, uNyame, kade lidudulwe wuDion ngomzuzu ka-85.
Ukunqoba koSuthu kulo mdlalo womkhaya kuqhube ukukhonya kwawo kwazise nasemdlalweni womlenze wokuqala weDStv Premiership ngoDisemba ayibhaxabula ngo 3-0 iThwihli Thwahla.