USuthu luyibambe emsileni namaphuzu awu-24 ngemuva kwemidlalo ewu-26. Selokhe ibuyile imidlalo AmaZulu asehlulekile ukunqoba emidlalweni emibili. Adlale ngokulingana neBaroka FC emdlalweni owawungenamagoli kanti ashaywe yiBidvest Wits ngo 2-1 komunye umdlalo.
Imenenja yeqembu uQedi Dlamini uthe abadlali bazokwenza konke okusemandleni ukunqoba imidlalo esele.
“Siyazi kubaluleke kangakanani ukuqoqa amaphuzu kulesi sigaba sesizini. Sinethemba lokuthi sizokwazi ukuthola amaphuzu aphelele uma sesibhekene neBloemfontein Celtic (namhlanje). Abafana bakhombisa ukuzimisela kulandela ukushaywa yiWits,” kusho uDlamini.
“Kunzima emsileni. Ngeke wazi ngempela ukuthi kuzokwenzekani. Kusangenzeka noma yini kodwa ngeke sidliwe yizembe. Ngiyazi kunabantu abangaliboni iqembu lisinda kodwa sizobuya. Esidinga ukukwenza ukuvalela amathuba enethini. Kunamaphuzu awu-12 esizowalwela emidlalweni yethu yokugcina,” kuqhuba yena.
Ngemuva kokubhekana neCeltic, uSuthu luzodlala neBlack Leopards, Stellenbosch FC neHighlands Park.
Kule sizini AmaZulu asashaye amagoli awu-15 kuphela, awu-12 kuwo ashaywe umgadli uBongi Ntuli obalwa nabagadli abaphambili kwiligi. Ukucacisa izinkinga ezibhekene namaZulu phambi kwepali, ngaphambi kwegoli elishaywe uLehlohonolo Majoro ngempelasonto, leli qembu belinamagoli alinganayo nomgadli ozihola phambili ngamagoli kule sizini uGabadinho Mhango (14).
“Sikhathazekile ngendawo esikuyo etafuleni kodwa siyethemba ukuthi kuzoshaya impelasonto ezayo singahleli kunombolo 16.
AmaZulu anganyukela kunombolo 13 uma engashaya iCeltic namhlanje.