AMATHUBA okuthi iTunisia ibhebhezelise ifulegi le-Afrika kwi-Last 16 yeNdebe yoMhlaba ayamfimfa njengoba imelwe umqansa wokunqoba kompetha bomhlaba iFrance, bese ikhulekela ukuthi iDenmark ishayane ize ibukane ne-Australia komunye umdlalo ka-Group D.
ITunisia ebambe ibhuleki kuleli qoqo kulandela ukuqala kwayo ngenduku nokucazelana ngamaphazu emdlalweni wesibili, izobhekana neFrance esivele izibekisele indawo kwi-Last 16, ngokunqoba imidlalo yayo yokuqala emibili.
Lo mdlalo unamuhla ngo-5 ntambama, e-Education City Stadium, e-Al-Rayyan, eQatar.
Ukudla iqoqo kweFrance bekufanele kuyijabulise iTunisia ngoba lokhu bekuzokwenza ukuthi ompetha bomhlaba baphumuze izithenjwa zabo kodwa laba abasebhentshini kwiFrance, bayathusa ngokwabo.
Kuzoba umqansa ukuthi iTunisia ihlule iFrance yize kungase kuphunyuzwe abadlali abamqoka okuyibona eqhobozela ngabo kwasani.
Ngaphandle kokuhlula iFrance, kuzomele leli qebu lesizwe lase-Afrika limincele ukuthi uphele okungenani zibambene phakathi kweDenmark ne-Australia nabo abadlala ngo-5 ntambama.
Okungenzeka kubakhuthaze abafana bakaJalel Khadri, ongumqeqeshi wamaCarthage Eagles, ukuthi emlandweni weTunisia koweNdebe yoMhlaba, ayikaze inganqobi ngisho owodwa umdlalo wamaqoqo.
IFrance akukacaci ukuthi izobaphumuza uKilyan Mbappe, Oliver Giroud, Antione Griezmann, Ousumane Dembele, no-Adrien Rabbiot okungabanye babadlali abebegqamile kule midlalo abayinqobe kwiDenmark nakwi-Australia, ngokwahlukana.
Noma ingakwenza lokhu iFrance kodwa kubuekeka kuzobanzima kwiTunisisa ukuvimba abadlali abafana noKingsley Coman, Marcus Thuram no-Eduardo Camavinga, nabo okungenzeka basebenzise lo mdlalo ukuthatha iso lomqeqeshi wabo, uDidier Dischamps.
IFrance iya kulo mdlalo ngethemba lokuthi izowunqoba okuzobe kungokwesikhombisa kulandelana koweNdebe yoMhlaba, okuyirekhodi elizobalinganisa ne-Italy kodwa babasele kwiBrazil enerekhodi lokunqoba imidlalo engu-11 kulandelana.