AKALINDELE lutho ngaphandle kwamaphuzu amathathu umqeqeshi waMaZulu FC, uRomail Folz, ozovula unyaka ngowomkhaya neRoyal AM koweDStv Premiership eChatsworth Stadium ngeSonto ntambama.
Umdlalo uzoqala ngo-3.30.
Ngaphandle kokuba ngowomkhaya lo mdlalo kodwa okunye okuwenza ushube wumbango wamaphuzu kuwo, wukujahana kwala maqembu aKwaZulu-Natal kwi-log.
AmaZulu aya kulo mdlalo eyishiya ngephuzu elilodwa iRoyal enangu-17 endaweni yesishiyagalolunye.
“Sibhekene neqembu elihle impela kodwa-ke nathi siyiqembu elihle. Engingakugcizelela nje wukuthi sifuna ukuwunqoba umdlalo ukunombela etafuleni (i-log),” kusho uFolz.
@IsolezweNews @IOLsport umqeqeshi wa @AmaZulu ephawula ngowomkhaya ne @RoyalAM_FC #KZNderby pic.twitter.com/oqixcaP8ff
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) January 4, 2023
“Emidlalweni edlule inokungachazeki imiphumela esibuye nayo. Sidlala neqembu elibuya kwiCaf Confederation Cup, lokho-ke akwenzekanga nje ngokuzishayisa kukacilo endukwini.
“Okwethu wukuqikelela ukuthi siyiqembu elihle ngalolo suku, ukuze sizobuya nomphumela ogculisayo.”
AmaZulu asonge unyaka ngokubambana ngo 0-0 neSekhukhune United ngoDisemba 31, okungusuku i-AM eguqe ngalo ngo 2-1 kwiCape Town City.
IRoyal isidlale kabili kusuka kubuywe ekhefini leFifa World Cup kwazise ngoLwesibili ibambane ngo 0-0 TS Galaxy.
Unyaka odlule ube mkhulu kuwo womabili la maqembu, kwazise abonakale edlala ngokwehlukana, okokuqala emiqhudelwaneni yeCaf.
AmaZulu ayibambe kwiCaf Champions League ngesizini edlule, iRoyal yayibamba kwiConfederations Cup kule sizini kodwa yasheshe yaphuma.