NAKUBA ukuphikwa yimiphumela kwiDStv Premiership sekubeke iRoyal AM engozini yokuzithola isidlala imidlalo yokuhlunga ukuze izigcine esigabeni esiphezulu, asephansi amaphaphu kumqeqeshi wayo uJohn Maduka.
IThwihli Thwahla inqotshwe yiqembu elisemsileni we-log, iCape Town Spurs ngo 1-0 koweligi obuseHarry Gwala Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Isinqotshwe kwemithathu ilandelana, yonke eyidlalela ekhaya. Iqalwe yi-Orlando Pirates iyibhubhudla ngo 4-0, kwalandela iSuperSport United neSpurs.
EzikaMaduka zisendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-26.
Seziphephile ekugawulweni yizembe kwazise zisishiya ngamaphuzu angu-11 iSpurs esisemsileni.
Leli qembu laseKapa selisalelwe yimidlalo emithathu kuphela. Nokho, zisasengcupheni yokuficwa yiqembu elisendaweni ka-15, iRichards Bay FC enamaphuzu awu-24 ngemuva kokudlala ngokulingana nePolokwane City ngoLwesithathu.
Okubukeka kungasindisa iRoyal AM wukuthi yona inemidlalo ewu-26, iBay ibe newu-27. Ukunqoba kwayo le midlalo eyisalele kungayiweza, igcine indawo yayo kwiDStv Premiership.
“Uyakhathazeka njengomqeqeshi uma iqembu lingekho efomini efanele. Ziyakuthinta lezo zimo kodwa yibhola leli, kungenzeka noma yini.
“Ngisasho namanje ukuthi asikayicabangi eyokugawula yizembe, asigxilile kulokho. Kuyiqiniso ukuthi asikho ezingeni lethu eliphezulu kodwa ngeke sehlele esigabeni sesibili..
“Sisalelwe yimidlalo emine esizobhekana kuyo neSundowns kabili, bese kuba yiChippa neSwallows. Yingakho ngithi konke kusasezandleni zethu. Kufanele sibe nemicabango emihle,” kusho uMaduka.
Ukhale ngokungakwazi ukusayinisa abadlali kule sizini nokube nomthelela omubi eqenjini lakhe.
Iqembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize lamiswa yiFifa ekusayiniseni abadlali ngenxa yokuhluleka kwalo ukukhokhela owayengumgadli walo, uSamir Nurkovic imali okwakufanele limnike yona ngesikhathi linqamula inkontileka yakhe.
“Kumele kukhunjulwe ukuthi asikwazanga ukusayinisa abadlali abasha. Uma ubheka iqembu lethu kumasizini adlule, ubale ukuthi bangaki abadlali asebemnkantshubomvu abakwaziyo ukudlala njalo kule sizini, isibalo sincane.
“Ngicabanga ukuthi nguMatlaba (Thabo) noMahlasela (Kabelo) kuphela abakwaziyo ukudlala imidlalo eminingi ilandelana kule sizini. Iningi labo alikayidlali eminingi, yingakho singakwazi ukubamba umgqigqo. Kufanele sisebenze ngalokho esikunako.
“Siyaziqeqesha futhi izinto zibukeke zihamba kahle ejimini, kodwa kwenzeke okuhlukile emidlalweni. Kufanele siqhubeke nokusebenza kanzima ukuze siqinisekise ukuthi iqembu liphephile,” kuqhuba uMaduka.
Ngesizini edlule iRoyal AM iqede endaweni ka-11 ngamaphuzu angu- 35 emidlalweni engu-30. Namhlanje izovakashela iSundowns eLucas Moripe Stadium ngo-5.30 ntambama.
La maqembu azophinde abhekane ngoLwesibili oluzayo eHarry Gwala Stadium.