UMPHATHI weNewcastle All Stars, uMagasela Mzobe, useshintshe umqondo ngokudayisa iqembu nathi ukusayiniswa ngamaqembu eDStv Premiership kwabadlali ababili baleli qembu kube ngesinye sezizathu ezimkhuthazile ekuqhubekeni nalo kwi-ABC Motsepe League.
UMzobe uphumele obala kuleli phephandaba ngasekupheleni kukaMeyi ngezinhloso zakhe zokulifaka endalini, ekhala ngokuqonga kwezindleko zokuphatha leli qembu lasoSizweni, eNewcastle. UMagasela ulisungule ngo-2020 kulandela ukuthenga isitifiketi seReal Kings, yaseHammarsdale, eyayidlala kwi-ABC Motsepe League.
Waveza ukuthi ukuchayiswa ngumasipala wesifunda Amajuba owawethembise ukufaka isandla ekulixhaseni, nokubuya elambatha kosomabhizinisi ayengqongqoze kubo, yikho okwenze kwagcina sewuzwela umkhizo ejazini ngasohlangothini lwezimali njengoba lingenabo abaxhasi.
“Bakhale kakhulu abalandeli bethu, bekhala ngokuthi lizophela ibhola kule ndawo uma ngidayisa leli qembu. Sibe sesihlala phansi nabanye engibambisene nabo ekubuyikezeni isinqumo sokudayisa iqembu, sabheka indlela etsha yokusebenza, sabe sesivumelana ukuba siqhubeke nayo.
“Ngenxa yokuthi besinabadlali abaningana bangaphandle, abasuka kude neNewcastle nesifunda saseMajuba eqenjini lokho bekusho izindleko ngokuhlala kwabo e-club house. Ngaleyo ndlela-ke sibe sesithatha isinqumo sokuthi kusukela manje iqembu selizosebenzisa abadlali baseNewcastle nasesifundeni saseMajuba kuphela ukunciphisa izindleko, futhi sigxile kubadlali abasebancane,” kuchaza uMzobe.
Uqhube wathi banabadlali ababili abebedlala kuleli qembu asebesayiniswe yiRichards Bay FC neLamontville Golden Arrows ngokwehlukana.
USphesihle Buthelezi usayiniswe yiRichards Bay, kwathi uSiyanda Mthanti wasayiniswa yiGolden Arrows. Bobabili laba badlali bathathwe kuleli qembu ukuyodlala emaqenjini eDStv Diski Challenge ala maqembu. Ngaphambi kokukhushulelwa kwabo ezikimini ezinkulu zala maqembu ngaphambi kokuqala kwale sizini ezayo.
“Ukusayiniswa kwalaba badlali ngamaqembu ePremiership kusikhuthazile njengabaphathi beqembu, kwasinika umdlandla wokuqhubeka naleli qembu esihlose ngalo ukunika abadlali baseNewcastle nasesifundeni, iMajuba, ithuba lokuveza ikhono labo.
“Njengoba ilokishi lasoSizweni - lapho iqembu lizinze khona - like lagqama kabi ngentsha eyimigulukudu ebulalana yodwa nedla izidakamizwa. Manje sifuna laba bafana bakhuthazeke ngokubona abanye ontangayabo bedlala esigabeni esikhokhelayo bevela kwithelevishini, ngoba ezinye zalezi zingane eziyimigulukudu nazo bezidlala ibhola ngaphambi kokuzibandakanya ezenzweni zobugebengu.”
UMagasela ube eseveza ukuthi leli qembu yize libagcinile abanye abadlali abambalwa abanamava, kodwa lisaqhubeka nokwenza inhlolokhono kubadlali basesifundeni iMajuba. Izintambo zokuqeqesha zizobanjwa nguMfanelo “Roger” Makume, ozosizwa nguSiphiwe “Gologo” Dlongolo.