UKUZIBEKISELA indawo kwiTop 8 yikona osekuseqhulwini kubadlali beTS Galaxy ngemuva kokuthi iphupho labo lokuhamba ibanga kwiNedbank Cup lishatshalaliswe yiChippa United ngempelasonto edlule.
IGalaxy ekhishwe yiChippa ngo 2-0 kuma-quarterfinal eNedbank Cup, izoba yizibukeli enkundleni yayo yasekhaya iMbombela Stadium eNelspruit ngoJuni 1, lapho kuzodlalelwa khona umdlalo wamanqamu eNedbank Cup.
Nokho umdlali wasesiswini kwiGalaxy, uMpho Mvelase uthe noma bebesha amashushu ngokuba ngompetha balo mqhudelwano kodwa sebemagange ngokuzibekisela indawo kwiTop 8 okokuqala ngqa selokhu leli qembu ladlala esigabeni seDStv Premiership.
IGalaxy okumanje isendaweni yesithupha kwi-log, izotholana phezulu neStellenbosch FC kowePremiership, eMbombela Stadium, eNelspruit ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
“Noma kube buhlungu kithina ukuphuma kwiNedbank Cup ebesizimisele kakhulu ngokuhamba ibanga elide kuyona, sesikudlulisile lokho ngoba siyazi ukuthi izinto ezinjengalezi ziyenzeka ebholeni ikakhulukazi emidlalweni yomkhumulajezi.
Manje sesigxile ekulweleni ukugcina indawo yethu kwiTop 8, ngisho nangaphezulu kwalokho uma ithuba livela, kule midlalo esisalele yePremiership,” kusho uMvelase osefomini enhle kwiGalaxy.
IStellenbosch ayikahlulwa emidlalweni engu-22 kuyo yonke imiqhudelwano, isendaweni yesibili kwi-log yePremiership eholwa yiMamelodi Sundowns.
“Siyazi ukuthi siyobhekana neStellenbosch esefomini enhle kakhulu kwiPremiership kodwa nathi sizimisele ukuqhubeka nalo mgqigqo esikuwona kwiPremiership, sifuna kwazise sidlalela ekhaya.
“Iyazi nayo iStellenbosch ukuthi iyasikweleta njengoba yasiphuca iqatha emlonyeni isishaya kowamanqamu eCarling Knockout (Black Label).
“Siyazi imidlalo esisalele inzima kodwa sizibophezele ekulweleni ukuyigcina indawo yethu kwiTop 8, nesikholwa wukuthi yiyona esesingathoba ngayo izinhliziyo zabalandeli bethu kule sizini,” esho.
Ngaphandle kokuphuca iGalaxy iqatha emlonyeni iyiguqise ngo 4-3 kumaphenathi kowamanqamu eCarling Black Label Knockout ngoDisemba eMoses Mabhida Stadium, iStellies yayiqale ngokuyithela isibhaxu sika 3-0 i-The Rockets kowomzuliswano wokuqala wePremiership kule sizini ngo-Okthoba.