Umdlali weMamelodi Sundowns, uTerrence Mashego, ukholelwa ekutheni ukuqoqa amanye amaphuzu amathathu emdlalweni olandelayo weCaf Champions League abazowudlala neRaja Casablanca kuzolisiza iqembu lehlise ingcindezi.
AmaSandawana atheleke eCasablanca ngoLwesine lapho ezodudulana khona neRaja emdlalweni wesine kaGroup B eStade Larbi Zaouli ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.
Leli qembu laseMamelodi lilahle amaphuzu emidlalweni yalo emibili yokuqala kulo mqhudelwano. Lidlale ngokulingana ngo 0-0 ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo ekhaya, labambana ngo 1-1 nelinye iqembu laseMorocco, i-AS FAR Rabat, ekuhambeni.
ISundowns ibuye namaphuzu aphelele okokuqala ngesikhathi iguqisa iRaja ngo 1-0 wegoli lika-Iqraam RaynerseLoftus Versfeld ePitoli ngoDisemba 15.
Iqembu likaMiguel Cardoso lisendaweni yesibili kuleli qoqo ngamaphuzu amahlanu. Linamaphuzu alinganayo neliqhwakele, i-AS FAR. IManiema isendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu, kanti iRaja isemsileni ngelilodwa.
Selokhu kufike uCardoso, ovale isikhala sikaManqoba Mngqithi ngenyanga edlule, amaBrazilians asenqobe imidlalo emine ilandelana emiqhudelwaneni eyahlukene, okuhlanganisa owokugcina weBetway Premiership ka-2024 lapho aguqise khona iRichards Bay FC ngo 2-0.
“Bekuyindlela enhle yokuvala unyaka. Bekufanele siwunqobe lo mdlalo. Bekufanele siqinisekise ukuthi sithola amaphuzu siyongena ku-2025 ukuze sibambe umgqigqo,” kuhso uMashego.
“Imidlalo yethu ilandelana eduze. Olandelayo oweChampions League futhi sizowudlalela ekuhambeni, eMorocco. Kubalulekile ukuthi sithole amaphuzu agcwele ukuze sazi ukuthi asinayo ingcindezi uma sesibuyela kweyeligi.”
Emidlalweni emine iSundowns eyidlalile ngaphansi kukaCardoso, isishaye amagoli amahlanu, yangangenelwa lutho.
Lo mqeqeshi odabuka ePortugal, uthe ujabule ngokuthi bakwazile ukuvala kahle emuva kodwa unethemba lokuthi iqembu lizophinde libe bukhali naphambili emidlalweni ezayo.
“Kumqoka ukuqonda ukuthi nakuba umdlalo wokuqala esiwudlalile ngesikhathi ngifika wawusekhaya kodwa eminye emithathu ibisekuhambeni. Sisazodlala eminye emibili ekuhambeni ne-Raja ne-Maniema. Kujwayelekile ukuthi ushaye amagoli amaningi ekhaya kunasekuhambeni,” kusho uCardoso.
“Okusemqoka kakhulu wukuthi siyanqoba. Ngiyabancoma abadlali ngokuzimisela kwabo ukuze sivale ngci emuva. Ngiyethemba ukuthi sizoqhubeka nokwenza lokhu.
“Kusobala ukuthi ukuhlasela kukwenza uwine imidlalo kodwa ukuvala kahle emuva kukwenza unqobe izicoco, nokuyiyona nhloso yethu enkulu,” uphethe kanje lo mqeqeshi.