UMDLALI wasesiswini kwiChippa United, uSizwe “Bhasa” Mdlinzo, uthi phezu kokuthokozela ukuzibekisela indawo kowandulela owamanqamu eNedbank Cup kodwa okuseqhulwini kubona njengamanje wukulwela ukugwema ukuyodlala kumaPlay-Off okuzabalazela ukugcina indawo kwiDStv Premiership ngokuphela kwale sizini.
UMdlinzo (29), waseBottlebrush, eChatsworth, noyinjini yasesiswini, ungomunye wabadlali abamqoka iChippa ethembela kubo emdlalweni weDStv Premiership njengoba isemzabalazweni wokuvika izembe.
Omunye umdlalo omqoka okuzobe kubhekwe ukuba avale wonke amazibuko enkundleni yilowo abazobe belwela kuwo ukubalekela izembe neMaritzburg United, ngo-Ephreli 3, eHarry Gwala Stadium ngo-5 ntambama.
“Siyakuthokozela impela ukwedlulela kuma-semi-final eNedbank Cup futhi simagange nangokufinyelela kwi-final. Kodwa iqiniso wukuthi njengamanje asenzi kahle emidlalweni yeligi futhi asikuthokozeli ukuba kule ndawo esikuyo njengamanje kwi-log.
“Ngakho-ke kule midlalo yeligi esele sizolwa ngakho konke okusemandleni ukusuka kule ndawo esikuyo, ngoba asifuni nhlobo ukuzithola sesidlala amaPlay-Off okulwela ukuhlala kwiPremiership,” kusho uMdlinzo.
Eqhuba uthe: “Nokho, ithemba likhona lokuthi sizokwazi ukuwathola amaphuzu amqoka kule midlalo eyishumi nanye esisalele yeligi, futhi ukwedlulela kwethu kuma-semi-final eNedbank ngingasho ngingangabazi ukuthi kubuyise ukuzethemba kithina (badlali).
IChilli Boys, ehlule iRichards Bay FC ngo-2-1 kuma-quarter-final eNedbank Cup ngeledlule, izobhekana nePretoria Callies, edlala kwiGladAfrica Championship, kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.
Kanti iSundowns izotholana phezulu ne-Orlando Pirates ngo-Ephreli 15 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ukukhipha iqembu elizobhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandila komunye umdlalo wowandulela owamanqamu alo mqhudelwano.