IKHEFU leNdebe yoMhlaba lizonikeza umqeqeshi weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge, uVela Khumalo, ithuba lokuthungatha abadlali azovala ngabo izikhala zabanyuselwa esikimini esikhulu.
IChiefs ingelinye lamaqembu akhiqiza inqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu kwiDiski abafike bangene khaxa esikimini esikhulu esiyibamba kwiDStv Premiership. Eminyakeni edlule, ikhiqize abadlali okukhona kubona uBruce Bvuma, Siphosakhe Ntiya-ntiya, Nkosingiphile Ngcobo, Siyabonga Ngezane, Happy Mashiane nabanye.
Kuvele ukuthi njengoba kuphela unyaka, izokwenyusela ngokugcwele esikimini esikhulu ukaputeni weqembu leDiski, uMduduzi Shabalala, Samkelo Zwane, Aden McCarthy noWandile Duba, asebevele banezinkontileka esikimini esikhulu. UShabalala kulindwe aqede ukubhala izivivinyo zika-matric.
UKhumalo uthe njengoba kuzoba nekhefu lemidlalo yeNdebe yoMhlaba, uhlalelwe wumsebenzi wokuthola abanye abadlali. INdebe yoMhlaba izoqala eQatar, ngoNovemba 20 ize iphele ngoDisemba 18.
"Anginalo ikhefu. Sizothungatha abadlali kwazise kukhona okufanele bangene bezoqinisa iqembu lapha njengoba kukhona abaya esikimini esikhulu. Sizobheka esizokwenza nango-Under 19 no-Under 17 wethu. Sidinga ukwengeza abadlali. Sizothungathela iKaizer Chiefs abadlali abanekhono okuyiyona into okufanele siyenze.
“Asikwazi ukuthi sizohlala sibuke iNdebe yoMhlaba kuphela. Yebo, yiNdebe yoMhlaba kodwa kufanele silungise izinto kusukela emazingeni aphansi nasenkulisa ukuze ngokuzayo singeke sibuke (iNdebe yoMhlaba) kodwa abadlali bethu bazobe bedlala kuyona," kusho uKhumalo.
NgoMgqibelo, uKhumalo uzohola iChiefs iyozama ukuthola amaphuzu agcwele kwiMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Ngempelasonto edlule, Amakhosi aphume nephuzu kwiTS Galaxy emdlalweni ophele zibambene ngo-1-1.
Akubuzwa ukuthi uKhumalo uzofuna ukubuya namaphuzu agcwele eMgungundlovu ukuze ezakhe zizosondela emshungwini wamaqembu asembagweni wesicoco seligi. Imidlalo yeDiski izovala ngoNovemba 20.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo-10am: AmaZulu v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium).
Ngo-11am: Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium).
Ngo-12pm: TS Galaxy v Stellenbosch (Tsakane Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: Marumo Gallants v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium); SuperSport United v Sekhukhune United (Lucas Moripe Stadium); Swallows v Cape Town City (Dobsonville Stadium); Maritzburg United v Kaizer Chiefs (Harry Gwala Stadium).
Ngo-12pm: Richards Bay v Royal AM (Mpumalanga Stadium).