UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrendon Petersen, ubona ithuba elikahle lokuvala imilomo ngeNedbank Cup njengoba sekuhlangene iminyaka eyiishuni leli qembu laseNaturena lagcina ukufaka inkomishi ekhabetheni.
UPetersen owagcina ukubonakala enkundleni ngoDisemba nyakenye, ubekhuluma nabezindaba muva nje eSandton, eGoli, lapho iChiefs iqhathwe khona neFree Agents FC kwi-Last 32 yeNedbank.
Amakhosi anomlando wokuyidla kaningi kunawo wonke amaqembu iNedbank (13), amelwe wukudlula kuleli qembu elidlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng, ukucaba indlela ebheke ekuqedeni le ndlala osekukhulunywe kakhulu ngayo.
Imidlalo ye-Last 32 yeKe Yona Ya Rona izodlalwa kusukela zingu-25 kuya ku-28 kwephezulu.
“Kuqondene kahle ngoba u-2025 wunyaka weqembu wokubhiyozela iminyaka engu-55 lasungulwa ngakho-ke kungakuhle nezinkulumo ngendlala siziqede ngawo ngoba kwiligi akubukeki kuzobalula kangako,” kusho uPetersen.
“Kukithina singabadlali ukuhlanganisa amakhanda sibhukule ngoba ngalokho siyobe sizifaka emlandweni wokuba yiqembu elabuyisa izikhathi zenjabulo kwiChiefs emuva kwesomiso seminyaka.
“Ngiyakholelwa ekutheni lokhu umqeqeshi uNabi (Nasreddine) nethimba lakhe abakuhlanganisayo kuzothi kuvuthwa sibe sesihambe ibanga elide kulo mqhudelwano ngoba iqiniso wukuthi sesisele nawo wodwa ukuvala leli shobolo elisilandele,” kuqhuba lo nozinti.
Akazange akubalekele nokubuzwa ngerekhodi labo lokuphoxwa amaqembu okusuke kungalindelekile ukuthi abashaye njengoba kwenzekile ngesizini edlule bekhishwa iMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Lo nozinti uvumile nokuthi ubeqala ukuzwa ngeFree Agents kodwa wakucacisa ukuthi umlando wabo omubi ngeke uqhubeke kulokhu.
“Akuyona into esizixaka ngokuyicubungula indaba yerekhodi elingelihle uma sibhekene namaqembu angaziwa yize kubalulekile ukuqapha macala wonke ngoba iNedbank inendlela yayo yokuphoxana.
“Okwethu wukuqinisekisa kule Nedbank ukuthi wonke amaqembu esibhekana nawo ayakuzwa ukuthi adlala nelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika.
“Lokhu kulele kithina esingena enkundleni ngoba umqeqeshi nethimba lakhe bawenza bawuqede umsebenzi ngezinhlelo maphakathi nesonto,” kusho yena.
Nakuba engazi ukuthi uqhamukaphi lo muzwa kodwa uPetersen uyayibona iChiefs iyiqukula iNedbank.
“Angazi kanjani kodwa ekhempini kunomuzwa wokuthi izinto zethu zizojika ngo-2025 ngakho-ke sihlalele ethembeni lokuthi neNedbank ibuyele ekhaya,” usho kanje.