KUMSHAYISA ngovalo ukubhekana ne-Orlando Pirates ekuhambeni ekubeni ibingadlali ngempelasonto umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrandon Truter.
Lawa maqembu azodudulana koweBetway Premiership e-Orlando Stadium, kusasa ngo-7.30 ebusuku.
INatal Rich Boys ikhiphe iCape Town City kuma-quarterfinal eCarling Knockout, iyishaya ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kulandela umdlalo ophele ngo 0-0.
Ezimnyama zona bezihlabe ikhefu elincane ngempelasonto kwazise zawashiswa ijezi yiMagesi FC kwiLast 16 kwiCarling.
Leli qembu eliphekwa nguJose Riveiro lagcina ukudlala ngoLwesibili olwedlule liguqisa iTS Galaxy ngo 2-0 koweligi.
“Umdlalo wethu neCity besingawuqeda emizuzwini engu-90 ngaleli thuba elikhulu esilitholile. Besingahlosile ukudlala imizuzu engu-120 ngoba sizobhekana nePirates kusadlule amahora angu-72. Kuyakhathaza lokho,” kusho uTruter.
“IPirates ayizange idlale kule mpelasonto ngakho-ke izofika nomfutho omningi. Sizobe sidlalela e-Orlando, okuyindawo enzima ukuyivakashela, ikakhulukazi uma abalandeli begcwalise inkundla. Uma uya khona udinga abadlali bakho abasezingeni eliphezulu babhukule, balawule umdlalo.”
IBay nePirates sebeke bagadulisana koweligi kule sizini owawuseKing Zwelithini Stadium ngoSepthemba 29, wanqotshwa ezikaMagebhula ngo 1-0.
UTruter uthe iqembu lakhe liyiqale ngemidlalo enzima isizini futhi unethemba lokuthi lisazowacosha amaphuzu emidlalweni ezayo.
“Ukuthuthuka emqhudelwaneni womkhumulajezi kuletha ukuzethemba nokukholwa okukhulu. Abadlali bangaba ngcono ngenxa yengcindezi yokuba yilona kuphela iqembu elimele iKZN kule ndebe,” usho kanje.
“Abadlali bazokhula kodwa kumele baqhubeke nokungihlaba umxhwele. Mningi umsebenzi okusamele wenziwe. Sisaxhamazela uma sesisondele emapalini futhi sidinga ukwenza kangcono uma sifaka ama-freekick namakhona ebhokisini.
“Sesinqobe kabili kwiCarling kodwa ukuba ngiyakwazi bengizoyishintsha leyo miphumela ngithathe amaphuzu amathathu noma ayisithupha kwiligi. Yilowo umncintiswano obaluleke kakhulu kithina.
“Okufanele kuqapheleke wukuthi emidlalweni eyisikhombisa yeligi sibhekana namaqembu amahlanu aqede kwi-Top 6 ngesizini edlule. Nginesiqiniseko sokuthi izinsuku zenjabulo ziseza. Kufanele sidlule kule midlalo engu-10 yokuqala bese siyathuthuka,” kusho uTruter.