UMGADLI weBafana Bafana oshwebise iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns abebemfuna waqoma eTunisia, u-Elias Mokwana, ubone i-Esperance Sportive de Tunis, izoba isitebhisi esingcono ukumsondeza nephupho lakhe lokudlalela iqembu lase-Europe.
UMokwana obesemabhukwini eSekhukhune United usayina inkontileka yeminyaka emithathu kuleli qembu elinomlando ebholeni lase-Afrika.
Lo mgadli okhombisa izimpawu zokusondela enhliziyweni yomqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uqoma eTunisia nje, ubebhekwe koyedwa phakathi kweChiefs neSundowns, obekulokhu kuvele njalo ukuthi bayamfuna.
UMokwana usephenduke omunye wabadlali abamqoka kuBroos kusukela eqale ukumbiza kwiBafana.
Nakuba ubengeyona ingxenye yeqembu elibuye neyethusi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa uBroos akasamshiyi uma ebophela isikwati.
Kungenxa yalokhu uMokwana ubesenamehlo athe xaxa kuyena njengoba isizini edlule ithe iyophela ebese ebalwa nabangase bajoyine iChiefs noma iSundowns ngezayo.
Ngesikhathi uMokwana ethulwa ngokusemthethweni maphakathi nesonto utshele iTaraj TV eyingxenye yophiko lwabezindaba kwi-Esperance ukuthi yini emhehe kuleli qembu.
“Kuliqiniso ukuthi amaqembu amabili athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika (iChiefs neSundowns) abengifuna kodwa mina benginezinhloso ezehlukile ngekusasa lami,” kusho yena kwiTaraj TV.
“Okusemqoka kimina ukufeza iphupho lokudlalela iqembu laphesheya kwezilwandle ngakho-ke i-Esperance iyona engiyibone kuyiyona ezongisondeza ngokushesha kulokho.
“Akekho ongazi ukuthi i-Esperance inkulu kangakanani e-Afrika ngakho-ke bekungeke kubelula ukuyiziba ingishela.
“Ngizele ukuzosebenza ngokuzikhandla kuleli qembu engicabanga ukuthi kuzongisiza ukwenza kahle kulona ukuze nabaphesheya kwezilwandle bezongiqaphela,” kuqhuba uMokwana.
Okunye uMokwana akuveze njengesizathu sokuthatheka kwi-Esperance ithuba lokudlala kwiCaf Champions League.
Ngesizini edlule uMokwana ubeyingxenye yeSekhukhune edlale iCaf Confederation Cup.
“Ngizizwa ngisekhaya ngenxa yezandla ezifudumele engamukelwe ngazo kusukela ngifika okokuqala eTunisia okuyinto eyenza ngingabe ngisakwazi ukulinda.
“Abadlali bangamukele kwaba sengathi sazana kudala kanti nabalandeli bayangithokozela konke lapho ngihamba khona.
“Ngihoshile ukuthi eMzansi kukhona idlanzana elicabanga ukuthi ngishaye isikhala ngalokhu kodwa likhulunyiswa ukungazi.
“Ngokusayina kwi-Esperance sengizifake ethubeni lokuba ingxenye yeFifa Club World Cup ngonyaka ozayo okuyinto engikitazayo,” kuphetha uMokwana.