XOLILE MPISANE
AKAFUNI nokuliphatha elempi umqeqeshi we-Egypt, uCarlos Queiroz, njengoba bezotholana phezulu nosokhaya iCameroon, kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nation (Afcon) kusihlwa.
Umdlalo uzoqala ngo-9 ebusuku e-Olembe Stadium, eYaounde.
Ekhuluma nabezindaba, uMengameli weCameroonian Football Federation, uSamuel Eto'o, uwufanise nempi umdlalo wabo ne-Egypt.
Nokho uQueiroz uthe akafuni ukusebenzisa amagama alolu hlobo uma ekhuluma ngomdlalo webhola, ikakhulukazi njengoba kusanda kwenzeka inhlekelele edlule nemiphefumulo yabalandeli abayisishiyagalombili kuyona le nkundla okuzodlalelwa kuyona.
Kwaba nesiminyaminya kweminye imidlalo ye-Cameroon nokwaholela ekutheni kubekhona abashonayo nabalimalayo.
"Akunambithisiseki okushiwo ngu-Eto'o futhi kubeka isithombe esibi kubantu baseCameroon," kusho uQueiroz.
“Ngicabanga ukuthi ukhohliwe ukuthi abantu baseCameroon badlule emhlabeni enkundleni ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, ngakho ukukhuluma ngempi ngaphambi komdlalo kukhombisa ukuthi akafundanga lutho ngesikhathi esadlala ibhola.
“Akuwona amagama okumele asetshenziswe ngoba ibhola akuyona impi, into ehambisana nenjabulo nokuhlanganisa abantu.
"Le mpi ayiphakayo sizoyiphendula ngebhola nangenjabulo. Sizele ukuzojabulisa abantu, hhayi ukuzolwa. Kunabantu abangenalutho kodwa uma besenkundleni, bakhohlwa yizinsizi. Sizimisele ukuthi sibajabulise."
ICameroon ingene esigabeni somkhumulajezi ngokuqeda esicongweni kuGroup A ngemuva kokunqoba kabili yadlala ngokulingana kowodwa.
Ifinyelele kuma-quarterfinal ngokushaya iComoros ngo-2-1 yabe isigudluza iGambia ngo-2-0. Womabili lawa maqembu abeqala ngqa ukudlala kwi-Afcon.
I-Egypt idlule ebunzimeni obuthe ukuqina njengoba ilale isibili kuGroup D lapho yanqoba khona imidlalo emibili yahlulwa kanye.
OFaro babe sebedlula kwi-Ivory Coast sekukhahlelwa amaphenathi esigabeni samaqembu angu-16, ngaphambi kokudla iMorocco ngo-2-1 kuma-quarterfinal.
iCameroon ne-Egypt bagcina ukuhlangana kowamanqamu kulo mqhudelwano ngo-2017, i-Indomitable Lions inqoba ngo-2-1.
Umqeqeshi weCameroon, u-Antonio Conceicao, uthe ugculisekile ngendlela iqembu lakhe elisadlale ngayo nakuba abahlaziyi abaningi bethi alikabhekani namaqembu ayingozi kakhulu.
“Ngijabule kakhulu ngeqembu lami selokhu kuqale umqhudelwano kodwa manje sizodlala omunye umdlalo onzima kakhulu,” kusho uConceicao.
“Abadlali basaqhuba kahle, balandela zonke izinhlelo zami zomdlalo futhi sizoqhubeka nokusebenza ukuze sifeze izinhloso zethu.
“Izimbangi zethu ezilandelayo yi-Egypt, iyiqembu elidle izicoco eziningi kunawo wonke e-Afrika. Siyazi ukuthi bayingozi kangakanani futhi siyazi ukuthi kuzofanele siqhubeke nokukhuphula igiya.”
I-Egypt isiyinqobe amahlandla ayisikhombisa i-Afcon, iCameroon isendaweni yesibili ngezicoco ezinhlanu.
ICaf ikuqinisekisile ukuthi zizoqina ezokuphepha e-Olembe Stadium ukuze kugwenywe inhlekelele eyenzeka emdlalweni owawuphakathi kweCameroon neComoros, lapho kwacindezeleka khona abalandeli.