OYISIPHEKEPHEKE somdlali wasophondweni lwesokudla kwiLamontville Golden Arrows, uSiyanda “Skhwishi” Mthanti, ufuna baqhubeke nomgqigqo abavule ngawo isizini uma sebhebekene neMarumo Gallants emdlalweni we-Betway Premiership.
OYISIPHEKEPHEKE somdlali wasophondweni lwesokudla kwiLamontville Golden Arrows, uSiyanda “Skhwishi” Mthanti, ufuna baqhubeke nomgqigqo abavule ngawo isizini uma sebhebekene neMarumo Gallants emdlalweni we-Betway Premiership.
I-Arrows, emangaze abaningi ivula isizini ngokuvulela isibhaxu sika 2-0 kwiStellenbosch maphakathi nesonto eKapa, izotholana phezulu neGallants emdlalweni wayo wesibili wePremiership eMpumalanga Stadium eHammarsdale namuhla ngo-3 ntambama.
UMthanti uvule inkundla eshaya igoli lokuqala le-Arrows ngesiwombe sesibili koweStellenbosch ngaphambi kokuthi uLungelo Nguse ashayele isipikili sokugcina ngephenathi.
“Ngikholwa ukuthi abaningi bebengasiniki lutho ekutheni singashaya iStellenbosch esefomini ngale ndlela emdlalweni wethu wokuqala wesizini, siqala ukudlala ekubeni yona isidlale imidlalo eminingana kunathi. Kodwa ukuzilungiselela kwethu neqhinga esilinikwe ngabaqeqeshi bethu kanye nokuzimisela kwethu njengabadlali yikho okwenze sawunqoba lo mdlalo,” kusho uMthathi.
“Ngakho ukunqoba kwethu iStellenbosch sesikubeke eceleni manje sesibheke umdlalo esiyowudlala neMarumo, okuwumdlalo esizimisele ngokubuya namanye amaphuzu kuwona. Sifuna ukuqhubeka nalo mgqigqo esivule ngawo isizini. Khona siyazi ukuthi ngeke kube wumdlalo olula, ikakhulukazi njengoba iMarumo yehluliwe emdlalweni wayo wokuqala ishaywa yiChiefs, nokusho ukuthi izolwela ukuwina uma isibhekene nathi. Ngakho silindele umdlalo onzima kodwa esifuna ukuwuwina noma kanjani.”
Abafana Bes’thende baqala impilo entsha ngaphandle komdlali wasemuva, uBradley Cross, odayiselwe iKaizer Chiefs. UMabhuti Khenyeza, ongomunye wabaqeqeshi be-Arrows, uthe ngeke kuzwele kakhulu ukuhamba kukaCross oyibamba emuva kwesokunxele namaphakathi.
“Ukuhamba kukaBradley angiboni kuzosilimaza odongeni lwethu lwasemuva ngoba sinaye uThemba Mantshiyane okwaziyo ukuyidlala kahle le ndawo ayidlalayo emuva maphakathi nendawo. Ngenkathi simsayinisa ngesizini edlule uBradley, samsayinisa njengomdlali wasemuva kwesokunxele kodwa ngenxa yokulimala kukaMantshinyane sabe sesimdlalisa maphakathi nendawo, wafika wangena khaxa, wadlala kahle,” kusho uKhenyeza owadlala kwiChiefs eminyakeni edlule.
Uveze ukuthi umelulekile uCross ngokudlalela iChiefs.
“Ngihlalile naye phansi ngameluleka ngokufanele akulindele eqenjini elinjengeKaizer Chiefs. Ukudlala kulona kuhambisana nengcindezi enkulu kunaseqenjini elinjenge-Arrows asuka kulona. Ungumdlali omuhle futhi ozinikelayo engikholwa nawukuthi ngeke adidwe wudumo.”