XOLILE MPISANE
AmaSandawana aguqiswe yiPetro de Luanda ngo 2-1 emlenzeni wokuqala e-Angola. Leli qembu lasePitoli lagadla kuqala ngegoli likaLyle Lakay kodwa iqembu lasekhaya labuya ngamagoli kaTiago Azulao noYano.
Ekhuluma nabezindaba izolo, uMngqithi uthe bazowakhuphula amasokisi lapho la maqembu esetholene phezulu emlenzeni wesibili eFNB Stadium kusasa ngo-6 ntambama.
“Sifuna ukuthatha okwenzeke e-Angola njengesiwombe sokuqala futhi sizitshele ukuthi manje sesibheke kwesesibili,” kusho uMngqithi.
"Sizenzele phansi ngezinto eziningi kulo mdlalo odlulile. Angikhumbuli kodwa siphinda amaphutha. Uma kukhona lapho sibhede khona sijwayele ukulungisa bese sibuya ngamandla.
"Wonke amagoli asingenele emlenzeni wokuqala bekungamaphutha ethu. Lokho sikwenze ngokubavumela ukuthi bagobe amabhola ayingozi saphinde sahluleka ukumaka kahle ngaphakathi ebhokisini.
“Abawakhanga amathuba amaningi kodwa bawasebenzisile lawo ambalwa abawatholile.
“Yilokhu engihlale ngikusho ngeChampions League nePSL, eNingizimu Afrika ungenza amaphutha amaningi kwiligi uphunyuke, kwiChampions League wenza iphutha elilodwa noma amabili bese uyajeziswa."
UMngqithi, obe yingxenye yabaqeqeshi beSundowns kusukela ngo-2013, uthe isipiliyoni abasithole kulo mqhudelwano sibaqinisa idolo njengoba sebeke badlula kwezinye izimo ezinzima phambilini.
"Ngikholwa ukuthi iqembu lethu linamandla okuguqula izinto futhi siyazi ukuthi ngokujwayelekile uma iSundowns idlala umdlalo osezingeni eliphezulu igcina inqobile. Ngingumuntu ojwayele ukulindela izinto ezinhle," usho kanje.
"Siyakholwa ukuthi sinawo amandla okuguqula lo mphumela. Ngesikhathi sibhekene neChicken Inn yaseZimbabwe, ngicabanga ukuthi kwakungu-2016, yasishaya ngo 1-0 kodwa safike sayishaya lapha ekhaya.
"Sinesipiliyoni sokubuya futhi sesinqobe imidlalo eminingi, siyalithemba iqembu lethu. Kule minyaka emibili edlule, ngicabanga ukuthi sihlulwe kwemine kuphela. Yilokho okwenza sizethembe ukuthi singanqoba noma yimuphi umdlalo ophambi kwethu,” kuphetha uMngqithi.
Kweminye imidlalo yama-quarterfinal kwiChampions League, iRaja Casablanca nayo ibheke ukuvuka izithathe kusasa ngemuva kokudliwa yi-Al Ahly ngo 2-1 emlenzeni wokuqala eCairo. I-CR Belouizdad nayo inesikweletu njengoba ihlulwe yiWyad Athletic ngo 1-0, iyishayela ekhaya.
Kusengenzeka noma yini phakathi kwe-Esperance ne-ES Setif eTunisia kusihlwa njengoba umlenze wokuqala waphela zibambene ngo 0-0.