ZIZOKWENZIWA uma kunesidingo izinguquko eqenjini leBanyana Banyana elizobhekana ne-Italy emdlalweni onguwafawafa weFifa Women's World Cup ozodlalelwa eWellington Regional Stadium kusasa ngo-9 ekuseni.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi waleli qembu, uDesiree Ellis, esithangamini nabezindaba izolo.
IBanyana isaqoqe iphuzu elilodwa emidlalweni emibili esiyidlalile kuGroup G. Yaguqiswa yiSweden ngo 2-1 kowokuvula, yabambana ngo 2-2 ne-Argentina kowesibili.
Elakuleli kumele liyinqobe i-Italy kulo mdlalo wokugcina wamaqoqo ukuze lihlanganise amaphuzu amane, lizibeke ethubeni lokungena kwi-Last 16. Nokho ne-Argentina izobe ilwela into efanayo uma isidudulana neSweden.
ISweden ihamba phambili ngamaphuzu amane, ilandelwe yi-Italy ngamathathu, i-Argentina nayo inephuzu elilodwa njengeBanyana.
Ebuzwa ukuthi kungani engakabonakali enkundleni unozinti u-Andile Dlamini okunguyena owayethenjiwe ngesikhathi leli qembu lidla isicoco seWomen's Africa Cup of Nations eMorocco nyakenye, u-Ellis uthe bekuyingxenye yamaqhinga abo ukuqalisa uKaylin Swart.
Kule midlalo kukhona abebegxeka uSwart emapalini, ikakhulukazi emdlaweni wokuqala, bemsola ngokungakwazi ukubamba amabhola ahamba phezulu kanti abanye bamsola ngokungasheshi uma egxumela ibhola.
"Uma ubheka uKaylin, uyena ophaselwe kaningi kunabo bonke onozinti kulo mqhudelwano. Simkhethe ngoba sifuna asisize uma sekufanele sibuyisele ibhola emuva futhi asiqalele lona uma kufanele siye phambili," usho kanje.
Lo mqeqeshi ubuye waphawula ngabadlali abayibambe maphakathi emuva, uBambanani Mbane noBongeka Gamede, ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani engakasidlalisi isitobha esimnkantshubomvu uNoko Matlou?
"Angicabangi ukuthi sibe nenkinga yobude, sibulawe ukungahleleki kahle. ISweden ithole igoli elilodwa kumakhona angu-13 ebinawo kithina. Ithole amagoli amathathu kumakhona cishe ayisikhombisa ebinawo ibhekene ne-Italy, enabadlali abade kunathi," uchaze kanje.
Njengoba iBanyana kufanele ibuye nawo wonke amaphuzu kulo mdlalo ne-Italy, u-Ellis uthe bayakwazi okufanele bakwenze ukuze badlulele kweyomkhumulajezi.
"Yonke imidlalo siyayihlelela kodwa kwesinye isikhathi izinto ziyashintsha phakathi enkundleni. Siyibonile indlela i-Italy edlala ngayo futhi siyibhekisisile nemidlalo yethu, sawabona amaphutha okumele siwalungise," uqhubeke kanje lo mqeqeshi.
"Sizokwenza izinguquko uma zidingeka, lezo zinqumo kumele zisekelwe ubufakazi obuthile, hhayi imizwa futhi kumele zihambisane nezinhlelo esinazo ngomdlalo.
"Umdlali ngeke simkhiphe ngenxa yephutha elilodwa, singakugqizi qakala konke okuhle akwenzile. Njalo sikhetha iqembu esikholwa wukuthi liwufanele umdlalo.
"Ukhona yini umqeqeshi ongakhetha iqembu ekubeni engakholwa wukuthi lingawunqoba umdlalo? Nesithunzi sami ngiyasicabangela. Angisoze ngafaka iqembu engingalithembi."
IBanyana yilona lodwa iqembu elingakanqobi kulo mqhudelwano kwamane amele izwekazi i-Afrika.
INigeria esezibekisele indawo kwi-Last 16, ithele phansi osokhaya i-Australia ngo 3-2, iMorocco yaguqisa iSouth Korea ngo 1-0 kanti iZambia ivalelise ngokunqoba iCosta Rica ngo 3-1 izolo.
"Kuhle ukuthi amanye amaqembu ase-Afrika okuyiNigeria, Morocco neZambia akwazile ukunqoba imidlalo kodwa ngeke kusifake ngaphansi kwengcindezi. Siyazi ukuthi kufanele sinqobe ngoba sifuna ukudlulela phambili," u-Ellis uqhube kanje.
"Sithole iphuzu sibhekene neqembu elikleliswe ngaphezu kwethu futhi besingathola ngaphezu kwephuzu. Yilokho okumele kusikhuthaze."