KUSHESHE kwaphela obekuhlanganise iDitlou edlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League nomqeqeshi, uMafa Zuma, okade ayegudla kulesi sigaba.
UZuma oneziqu zikaCaf C Licence, ubejoyine leli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025.
Ubephuma kwiDlangezwa Hellenic abelekelela kuyo uPapi Zothwane osesizana noClinton Larsen kwiMagesi edlala kwi-Betway Premiership.
Nakuba kungacaci ngezinye izizathu kodwa ngokusho komthombo, kube ukugqoza kwemiphumela okwenze lagqashuka ifindo lomshado phakathi kwalaba.
Emdlalweni wokuqala uZuma esebhentshini laleli qembu laseMgungundlovu, linqobe ngo 3-0 lishaya uMshwathi.
Kowesibili nakowesithathu lishaywe iKwaMashu Durban Knights nayi-Ethekwini Coastal. Liphinde lawashiswa ijezi yiSummerfield Dynamos emdlalweni yokuhlungela ukungena kwiNedbank Cup Last 32.
Kwi-stream B, iDitlou isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu amathathu. Ngokusho komthombo, nakuba imiphumela kuyiyona exoshise uZuma kodwa naye ubehlale esho ukuthi uzosheshe alishiye leli qembu.
"Kunjalo nje, lisheshe lagqashuka ifindo phakathi kweDitlou noMafa. Kuyimanje uzihlalele ekhaya, uzothola nesikhathi esanele sokwakha kahle isikwati saseThekwini esizoyodlala kumaSalga Games. Uyinhloko yabaqeqeshi baso," kubeka umthombo.
UZuma ukuqinisekisile ukuthi akusekho okumhlanganisa neDitlou.
"Ngeke ngande kakhulu kodwa ngiyakuqinisekisa ukuthi angisekho kwiDitlou. Ngiyifisela inhlanhla kukho konke. Okuhle ukuthi sengizothola isikhathi esanele sokukhetha isikwati saseThekwini esizidlala kumaSalga Games," kubeka uZuma. AmaSalga azobanjelwa eThekwini, ngoDisemba 12-15.
UMabaso weDitlou uthe bamfisela inhlanhla uZuma.
"Sibe nesikhathi esihle noZuma. Kodwa-ke sizothini, impilo yebhola injalo. Kuhlanganwa kuphinde kuhlukanwe. Okwamanje izintambo zizobanjwa uSiya Nene obeyiphini likaZuma," kubeka uMabaso.
UNene wake wadlala kwiMilford kumasizini edlule.
IDitlou ingomakoti kwi-ABC Motsepe League. Ithenge isitifiketi seStone Breakers.
Phakathi kwabaqeqeshi abanegama abake basebenza noZuma kukhona uLarsen noRonnie Gabriel abayibamba naye kwiSummerfield noDominic Isaac owake wadlala kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule.
Kwi-stream A kuqhwakele iNjampela ngamaphuzu ayisikhombisa, emidlalweni emithathu. Emsileni kuneHellenic engakanqobi nowodwa. Kwi-stream B, kuhleli phezulu uMkhambathi ngamaphuzu ayisishiyagalolunye. Emsileni kuneNewcastle All Stars enephuzu.