KUZOVUKA upelepele ogqokweni AmaZulu FC etholana phezulu neLamontville Golden Arrows, emdlalweni wokuvula womqhudelwano iKZN Premier’s Cup ozodlalelwa ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi.
Le midlalo izodlalelwa okokuqala ngaphandle kwamadolobha amakhulu aKwaZulu-Natal, okuyiTheku noMgungundlovu ngoJulayi 27 kuya ku-28.
Amaqembu aseKZN adlala kwiPremiership okungaMaZulu, Golden Arrows, neRichards Bay FC, kube yiMaritzburg United neMilford FC adlala kwiMotsepe Foundation Championship, yiwona azodudulana.
AmaZulu angompetha banyakenye bePremier’s Cup, aqhathwe ne-Arrows emdlalweni wokuvula ozoba ngoJulayi 27, ngo-11 ekuseni, kowesibili ozoba ngo-2 ntambama kuzotholana phezulu iRoyal AM, neMilford.
NgoJulayi 28 amazolo azobhulwa yiRichards Bay, neMaritzburg ngo-9 ekuseni. Emini kuzodlala amaqembu azobe enqobe kowaMaZulu ne-Arrows, nakowe-AM neMilford, kuthi ngo-4 ntambama kube ngowamanqamu.
Okudala isasasa ngomdlalo wokuvula phakathi kwaMaZulu ne-Arrows, wukuthi emdlalweni wokugcina wangesizini edlule i-Arrows yabhaxabula AmaZulu ngo 3-1, kanti nasemzuliswaneni wokuqala wesizini yibona futhi Abafana Bes’thende abaguqisa Usuthu ngo 1-0.
Usuthu lwawashisa Abafana Bes’thende ijezi ngo 3-0 kuma-quarterfinal eCarling Black Label Knockout.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uphonsele inselelo amaqembu akulesi sifundazwe adlala kwiDStv Premiership, yokuthi alwele ukuqeda isizini ebalwa namaqembu akwiTop 8 ekupheleni kwesizini ezayo ka-2024/25.
“Umthandazo wami owokuthi amaqembu alapha KwaZulu-Natal, adlala kwiPremiership aqede kwiTop 8, bese kuthi elinye lalawa adlala kwiMotsepe Foundation Championship okuyiMaritzburg neMilford, likhuphukele kwiPremiership,” kusho uNtuli, obese esechaza ngesizathu sokuyisa lo mqhudelwano oLundi.
“Sifuna ukubona ezemidlalo zithuthuka esifundazweni sakithi kuwo wonke amazinga, okuyingakho sithathe isinqumo sokuthatha imidlalo siyise oNdini, ukuze nabantu basezindaweni ezisemakhaya bathole ithuba eliyivela kancane lokubuka amaqembu ePSL eduze.
“Empeleni inhloso yethu wukuthi ufinyelele kuzo zonke izingxenye zesifundazwe, mhlawumbe kungenzeka ngonyaka ozayo siwuse esifundeni sasoThukela, noma eMkhanyakude.”
UMphathiswa woMnyango wezeMidlalo esifundazweni, uMntomuhle Khawula, uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukweseka amaqembu akulesi sifundazwe adlala kwiPremier Soccer League (PSL).
“Sifuna ukubona amaqembu ethu akulesi sifundazwe adlala kwiPremiership enza kahle futhi egcwalisa izinkundla emidlalweni yawo yasekhaya. Ngakho sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi amaqembu ethu siwaseka ngayo yonke indlela ukuze aphumelele.”
Lo mqhudelwano unika amaqembu aseKZN adlala kwiPSL ithuba lokuzikala nokuvivinya izinduku zawo ezintsha ngaphambi kokuqala kwesizini.