Kuvela okulethele uHlatshwayo ibhande efika kweZimnyama
BULOKHU buqhubekile nokulandelwa yizinto ezinhle eziyohlale ziwumlando, ubuholi bukaThulani “Tyson” Hlatswayo, ngoLwesihlanu ongene kwamanye amabhuku omlando ejoyina izinsephe ezinemidlalo engu-50 nangaphezulu kwiBafana Bafana.
UHlatshwayo waseSenaoane, eSoweto namhlanje udlala umdlalo ka-51 edlubhe imibala yeBafana kwimpind’mshaye neSao Tome eNelson Mandela Bay.
Kule midlalo ewu-50 eseqenjini lesizwe uHlatshwayo uqale ewu-47 yonke, kwathi emithathu wadlala esuka ebhentshini.
Uqale ukuba nguKaputeni ngo-2016 ngaphansi kukaStuart Baxter, owathatha amatomu ku-Ephraim ‘Shakes’ Mashaba, yena ibhande wayelinike uSenzo Meyiwa ongasekho.
UHlatshwayo uqale ukuyidlalela ngo-2013
iBafana kwathi phakathi kuka-2005 no-2012 udlale kwi-Under 17, Under 20 ne-Under 23.
Nyakenye ujoyine uhla lokaputeni beBafana olungelude lwabayihole izibekisela indawo futhi iphinde idlala emiqhudelwaneni emikhulu.
EzikaHlathswayo zidlale kwi-2019 Afcon e-Egypt lapho ziphume khona kuma-quartefinal.
Usanda kuqopha omunye umlando lo kaputeni ehola i-Orlando Pirates ngomdlalo wakhe wokuqala ngqa womkhaya baseSoweto bebhekene neKaizer Chiefs, bevathela ngo 3-0 nango 2-0, e-Orlando Stadium.
UVincent Pule, abadlala naye kwiPirates nakwiBafana abanqobe naye iTelkom Knockout kwiBidvest Wits, uthi akufanele kumangaze ukunikwa kukaHlatshwayo ibhande.
“UTyson ungumholi, emaqenjini esizwe kuzo zonke izigaba.
“NakwiWits nguye obengowokuqala ukuhola inqoba isicoco seligi njengoba ephinde wafika kwiPirates waqhubeka nokuhola.
“Yindlela aziphatha ngayo yiyo emenza anikwe umsebenzi wokugqoka ibhande, konke lapho edlala khona,” kusho uPule.
Lo mdlali ophuma ezandleni zikaMike "Nana" Ntombela kwiSenaoane Gunners FC ngeke kumangaze ukumbona equkula indebe yakhe yokuqala ehola amabutho eZimnyama.