Owayewunyazi lomgadli weKaizer Chiefs, uSiyabonga "Bhele" Nomvethe, ubona kube yisibusiso kumqeqeshi omusha weqembu, uNasreddine Nabi, ukuthi lingangeni kwiMTN8.
Ukushaya udaka kwaMakhosi kuthathe elinye igxathu ngesizini edlule, esonga ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu. Aqede endaweni yeshumi ngamaphuzu awu-36. Izintambo zokuqeqesha bezibanjwe uCavin Johnson.
Nakuba ingakaqali isizini ka-2024/25 kodwa abalandeli beChiefs bafana nabazalwe kabusha ngenxa yokufika kwethimba elisha labaqeqeshi eliholwa nguNabi elithakwe nguKhalil Ben Youssef, Fernando Da Cruz, Ilyes Mzoughi noSafi Majdi.
Leli thimba lihlalelwe yinselelelo yokuqeda indlala yezicoco esithathe iminyaka eyisishiyagalolunye. Okunika ithemba abalandeli baMakhosi ukuthi uNabi waseTunisia, unomlando omuhle wokunqoba izicoco. Nakuba kwiFAR Rabat yaseMorocco ehambe enganqobanga lutho kodwa wagila izimanga kwiYoung Africans yaseTanzania. Wanqoba izicoco zeligi waze wayifaka nakowamanqamu weCaf Confederation Cup. Njengamanje iChiefs iseTurkey, lapho elungiselela khona isizini ka-2024/25.
UNomvethe owadlala kwiChiefs phakathi kuka-2008 kuya ku-2001, utshele Isolezwe ukuthi nakuba kubuhlungu ukuthi iqembu alingenanga kwi-Top 8 kodwa kungenzeka ukuthi kuyizindaba ezinhle kuNabi.
"Nami liyangijabulisa leli sasasa elikubalandeli beChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini. Uma ubheka irekhodi likaNabi uyabona ukuthi ungumqeqeshi wezinga eliphezulu. Irekhodi lakhe linika ithemba. Nakuba kube buhlungu kubalandeli ukungangeni kwi-Top 8 kodwa ngibona kumsiza uNabi. Ngenxa yendlala yezicoco, bekuzothi uma ewashiswa ijezi kwiMTN8 kwakheke isithombe esibi ngaye. Lokhu bekuzogcina kunomthelela omubi eqenjini. Abemaningi namathuba okuthi kwehle umdlandla nakubadlali nasethimbeni labaqeqeshi," kubeka uNomvethe, omunye wabadlali abambalwa abadlala kuzona zombili izinkunzi zaseSoweto.
Uqhube wathi abantu kumele bazi ukuthi eTurkey, lapho iChiefs ibambele ikhempu, ngeke uNabi asithole isikhathi esanele sokulungiselela isizini ka-2014/25.
"Okuhle ukuthi imidlalo yeligi iwumjaho, ayifani nemidlalo yezinkomishi. Ngayo uNabi uzothola ithuba lokucija iqembu lakhe ngendlela efanele,“ kusho uNomvethe.
Nakuba ebancoma uNomvethe abadlali abasayiniswe yiChiefs kodwa uveze ukuthi idinga unyazi lo mgadli.
“Alikavalwa iwindi, asethembe ukuthi zikhona izinduku iChiefs isazozigawula. Ukuze yenze kahle ngesizini ezayo kumele ibe bukhali phambili".