LIZOBHUBHISA izembe kwiRoyal AM okuvela ukuthi iphezu kwezinhlelo zokwehlisa isibalo sabadlali eqenjini.
Nangeledlule leli qembu likaShauwn Mkhize liphinde laba sematheni kuvela imibiko ebithi kunabadlali elingabaholelanga nokuthi libhangqa abanye abadlali ezindlini.
Ezinkundleni zokuxhumana, uMaMkhize ushiye angalazi kwabasabalalise lezimibiko wabe esekhala ngokwehla kwezinga lobuntatheli kuleli.
Ebhala ekhasini lakhe kwi-Instagram elibizwa ngokuthi kwa_mammkhize, ube esecacisa ukuthi akuwona umthwalo wabo ukufunela abadlali izindawo zokuhlala nokuthi bayisishiyagalombili kuphela abadlali abangaholanga.
Uthe udaba lwabo bayalulungisa ngukuhlanganyela nenyunyana yabadlali, iSouth African Football Players Union (Safpu).
UNhlanhla Tshabalala weSafpu utshele Isolezwe ukuthi emhlanganweni ababe nawo nobuholi beqembi okuwuMaMkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane, bathole ukuthi kukhona abadlali iRoyal ezobakhomba indlela.
Uthe iningi labo ngabafike kade kuthengwa iBloemfontein Celtic.
Uqhube wathi bazidonse ngendlebe izikhulu zaleli qembu ukuthi zibakhokhele abadlali abazodedelwa ngoba banezinkontileka naleli qembu.
Uthe izikhulu zeqembu zizeseke ngokuthi zinesikwati esakhiwe abadlali abangaphezu kuka-60.
"Siyakuqonda ukuthi uma kuthengwe iqembu ubuholi obusha kunabadlali elingeke lithande ukubagcina. Sizitshelile izikhulu ukuthi kumele zihlale phansi nabadlali, kuvunyelwane ngemali yesinxephezelo. Sibatshelile abadlali ukuthi uma bengathokozile ngokubekwa etafuleni izikhulu zeRoyal kumele beze kithina. Ngikhuluma nawe nje uMlungisi Masinga oyilungu lethu eThekwini umatasa nokusiza abadlali ngalezi zingxoxo,“ kudho uTshabalala.
Uveze nokuthi babatshelile abaphathi ukuthi bakhokhele abadlali abebengaholile.
"Laba badlali banemindeni okumele bayondle. Ngaphezu kwalokho benezinkontileka neqembu. Izikhulu zeRoyal zizeseke ngokuthi kukhona okunuka santungwana ngezinkontileka zalaba badlali. Zithe ababakhokhele kuqala bese belandela ngophenyo. Ngokolwazi esinalo abanye balaba badlali bayithole ngempelasonto edlule imali yabo. Silindele basibikele abangaholelwanga.“
Mayelana neyabadlali abahlala ndawonye, uTshabalala uthe ngokuthola kwabo abadlali bazikhethele bona indlela abahlala ngayo.
USithembiso Hlongwane okhulumela iRoyal ukuqinisekisile ukuthi basezinhlelweni zokulehlisa iqembu.
"Sisemaphakathi nalolu hlelo. Asikakazi ukuthi ubani ohambayo nosalayo. Akulona iqiniso ukuthi kudedelwa abadlali abafike kuthengwa iqembu. Sinesikwati sabadlali abangaphezu kuka-60. NeSundowns neBarcelona kabanabo abadlali abaningi kangaka. Laba badlali kabaholi o-R3000, bahola imali enkulu. Sizobakhokhela imali yabo. Lolu hlelo silwenza ngokubambisana neSafpu,“ kusho uHlongwane.