INGWAZI yase-Argentina, uLionel Messi, nomdlali odlondlobalayo waseSpain u-Aitana Bonmati, baphinde baklonyeliswa ngokwenza kahle ngonyaka odlule. Baqokwe njengabadlali bebhola abavelele emhlabeni emcimbini wezindondo iFifa The Best Awards, ngoMsombuluko ebusuku eLondon, e-England.
UMessi unqobe umklomelo weFifa Best Men’s Player of the Year, ehlula umgadli weManchester City, neNorway u-Erling Haaland, nowayenguzakwabo kwiParis St Germain, uKylian Mbappe emklomelweni.
Bobabili uMessi noHaaland bathole amaphuzu angu-48 kodwa uMessi umuke nawo umklomelo ngenxa yokuthi baningi abavotayo abambeke endaweni yokuqala uma kuqhathaniswa noHaaland.
Umdlali weSpain neBarcelona, u-Aitana Bonmati, uqokwe waba yiFifa Best Women’s Player of the Year. Uqwaqwade uLinda Caicedo, odlalela iReal Madrid neColombia, nomkhaya wakhe uJenni Hermoso, osegijima kwiPachuca eMexico.
Umqeqeshi weManchester City, uPep Guardiola uwine indondo yeFifa Best Men's Coach emva kokuwola izindebe ezintathu neqembu lakhe ngesizini edlule.
Indondo yeFifa Best Women’s Coach ithathwe wopheka iqembu lesizwe lase-England, uSarina Wiegman, olifake kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba ngonyaka odlule, lapho laguqiswa khona yiSpain ngo 1-0.
Unozinti weBrazil neManchester City, u-Ederson, uhlomule ngendondo yeBest Men’s Goalkeeper Award, kwathi uMary Earps, ovimbela i-England neManchester United, waqokwa waba yiBest Women’s Goalkeeper.
I-Fifa Puskas Award, enikwa oshaye igoli elihle kunawo wonke emhlabeni, ithathwe wumdlali waseBrazil, uGuilherme Madruga, ngegoli alishayela iBotafogo, ibhekene neNovorizontino ngoJuni nyakenye.
Omunye umdlali waseBrazil, uMarta, oyinkakha ebholeni labesifazane, uhlonishwe ngendondo yeFifa Special Award ngeqhaza alibambile kunobhutshuzwayo.
Imiklomelo yeFifa Best Men’s Player neyeFifa Best Women’s Player ivotelwa ngokaputeni nabaqeqeshi bawo wonke amaqembu esizwe, intatheli eyodwa evela ezweni ngalinye nabalandeli, abavota kwisizindalwazi seFifa. Abanqoba kweminye iminxa bavotelwa ngamajaji asuke eqokwe yiFifa.
Umdlali oyibambe endaweni yokuqala uthola amaphuzu amahlanu, osendaweni yesibili uthola amaphuzu amathathu bese obambeka endaweni yesithathu athole iphuzu elilodwa.
AbaseNingizimu Afrika bavote kanje:
Ronwen Williams (ukaputeni) - 1. Erling Haaland, 2. Lionel Messi, 3. Rodri.
Hugo Broos (umqeqeshi) - 1.Kylian Mbappe, 2. Kevin de Bruyne, 3. Erling Haaland
Robert Marawa (Intatheli) - 1. Erling Haaland, 2. Khvicha Kvaratskhelia, 3. Lionel Messi
Refiloe Jane (ukaputeni) - 1. Aitana Bonmati, 2. Linda Caicedo, Hinata Miyazawa
Desiree Ellis (umqeqeshi) - 1. Aitana Bonmati, 2. Jennifer Hermoso, 3. Amanda Ilestedt
Velile Mnyandu (intatheli) - 1. Aitana Bonmati, 2. Lauren James, 3. Salma Paralluelo