UMQEQESHI obambile kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, uzwakale ewubhekisa kuyena umunwe ngesizathu saleli qembu laseNaturena sokuziba indaba yabagadli ngesikhathi kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.
Lo mqeqeshi ubekhuluma esithangamini nabezindaba kulandela ukuthi iMilford FC ethenge igunya lokudlala kwiMostepe Foundation Championship ngonyaka odlule kuThongathi FC, ikhiphe Amakhosi kwi-Last 32 yeNedbank Cup.
IMilford inqobe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ingasaphelele. Umdlalo kade uphele zibambene ngo 0-0, ngeSonto ebusuku e-FNB Stadium, eSoweto.
Kulo mdlalo iChiefs ibanike ithuba cishe bonke abagadli bayo ngokwahlukana ngaphandle komfana omncane, uWandile Duba.
Nakuba iChiefs ifike emapalini eMilford amahlandla angu-20 emizuzwini engu-120 (okukhona nephenathi) kodwa ihluleke yancama ukudlulisa ibhola, kuSiphamandla Hleza, obala ukhasha waze waqokwa njengomdlali ovelele wosuku. Lo nozinti ngeyena oshaye nephenathi yokuwina yeMilford.
Emuva kwalo mdlalo inkulumo kaJohnson ikhombise izimpawu zokulamukela iphutha lakhe lokungasiboni isidingo sokuqinisa kubagadli njengoba bekuvuleke iwindi lokushintsha ngabadlali.
“Asenzanga ngokwanele uma uzokhumbula ukuthi ngaphandle kokuthi besiwuphethe wonke umdlalo, sithole amathuba okuhlohla amagoli angu-20 okukhona kuwona nephenathi,” kusho uJohnson sakubalisa.
“Akukho esingakwenzanga kodwa kwanqaba lona igoli ukungena. Amanye amathuba esiwatholile nami angazi ukuthi siwayeke kanjani. Ngiyaxolisa kubalandeli beChiefs. Lokhu okwenzeke kubona akubafanele,” kuqhuba yena.
Uzwakale sengathi uwukhomba ngakuyena umunwe ngokuyekwa kwala mathuba ngesikhathi esefaka indaba yokuziba kweChiefs imakethe yabadlali ezinyangeni ezimbili ezedlule.
“Bekungeke kudwebe isithombe esihle ukuthi nginikwe umsebenzi ngendlela engiwunikwe ngayo bese ngifuna ukushintsha abagadli abebevele bekhona,” kuchaza uJohson othathe izintambo ngo-Okthoba nyakenye ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki.
“Angizange ngikungabaze ngesikhathi ngithatha umsebenzi ukuthi abagadli engibafice kwiChiefs (Ashley du Preez, Ranga Chivaviro, Christian Saile noJasond Gonzalez), bawuhlobo olufanele iqembu. Namanje ngisamile ekutheni ngiyakholelwa kubona kodwa bengifuna ukukuqhakambisa ukuthi kube umyalelo wami ukuthi iChiefs ingabathengi abagadli njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana.
“Unobhutshuzwayo unjalo ngakho-ke kumele sikwamukele ukuthi sihlulekile ukuqhubeka nerekhodi lethu elihle kwiNedbank.
“Okusihlalele manje ukufaka wonke amandla esinawo siphinde silungise amaphutha emidlalweni yeligi,” kuphetha uJohnson.
IChiefs engakalishayi igoli kulo nyaka izobuyela kwiDStv Premiership neMoroka Swallows ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, e-FNB.