ULINDELE ukuthi iqembu lakhe lithole imiphumela engcono kule Ndebe yoMhlaba eseQatar, uma kuqhathaniswa neyokugcina ebiseRussia umqeqeshi weTunisia, uJalel Kadri.
ICarthage Eagles izodlala umdlalo wayo wokuqala wamaqoqo neDenmark e-Education City Stadium e-Al Rayyan, namuhla ngo-3 ntambama.
Amanye amaqembu okuzomele ibhekane nawo kuGroup D, iFrance ne-Australia.
ERussia ngo-2018, iTunisia yalala isithathu eqoqweni layo ngamaphuzu amathathu ngemuva kokuthi idliwe yi-England ngo-2-1 neBelgium ngo-5-2 ngaphambi kokunqoba iPanama ngo-2-1.
UKadri ulindele ukuthi abadlali abebekhona kulowo mqhudelwano babuye sebevuthiwe, bakwazi ukusiza iqembu.
“Ngo-2018, besineqembu elinabadlali abaningi abebeqala ukudlala emqhudelwaneni waleli zinga. Sikwazile ukuhlola umdlalo ngamunye ukuze sibheke ukuthi yikuphi esakwenza kahle, nalapho kumele sithuthuke khona,” kusho lo mqeqeshi esithangamini sabezindaba seFifa, kwi-Youtube.
"Manje sesineqembu elinamava, elizilungiselele kahle futhi elizimisele kakhulu. Sibheke ngabomvu ukudlala kule Ndebe yoMhlaba ebanjelwe ezweni lama-Arab naphambi kwabo bonke laba balandeli."
IDenmark yalala isibili eqoqweni layo eRussia ngemuva kokuhlula iPeru nokudlala ngokulingana ne-Australia neFrance, nokungamaqembu amabili ezophinde ibhekane nawo kulo nyaka.
Kwi-Last 16, yakhishwa yiCroatia sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo-1-1.
Baphinde bafinyelela kowandulela owamanqamu kwi-European Championship nyakenye, lapho bahlulwa khona yi-England ngo-2-1.
Kulowo mqhudelwano isihlabani sabo, uChristian Eriksen, waquleka enkundleni ngemuva kokumelwa yinhliziyo kodwa useluleme ngokugcwele futhi ukhona eqenjini eliseQatar.
“Siyazi ukuthi siseqoqweni elinzima namaqembu esike sadlala nawo phambilini kanye neqembu elifana neTunisia esingakaze sidlale nalo. YiNdebe yoMhlaba le ngakho kuyasijabulisa ukubhekana namaqembu esingawazi kahle,” kusho u-Eriksen kwabezindaba.
"Ngicabanga ukuthi sineqembu eliqinile futhi siyazethemba ukuthi sizothola imiphumela emihle sidlulele esigabeni somkhumulajezi."
Ngaphandle kuka-Eriksen, iDenmark inabadlali abayingozi okubalwa uPierre-Emile Hojbjerg noJoakim Maehle, abakwaziyo ukumaka nokuhlasela.
ITunisia izobe ithembele kubadlali abafana nokaputeni uYoussef Msakni, Aisa Ladouni, Wahbi Khazri nabanye.
Kweminye imidlalo yanamuhla; i-Argentina izotholana phezulu neSaudi Arabia ngo-12 emini, iMexico idudulane nePoland ngo-6 ntambama, bese iFrance ibhekana ne-Australia ngo-9 ebusuku.