ITUNISIA ithobe izinhliziyo ze-Afrika iphuma nephuzu kwiDenmark emdlalweni wokuqala kaGroup D weNdebe yoMhlaba e-Education City Stadium, eQatar, ngoLwesibili.
ITunisia iyiqembu lesibili lase-Afrika elingene enkundleni kwayisihlanu amele leli zwekazi. NgoMsombuluko, iSenegal iphoxe ekugcineni ikhala ngaphansi kwiNetherlands ngo-2-0 sekuthenjiwe ukuthi kukhona ezophuma ikuphethe.
Lo mphumela ufake iTunisia ingcindezi yokuthi ijabulise i-Afrika. Emazweni ase-Afrika alikho eselake lafinyelela kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba.
Ukubanjwa kweDenmark yiTunisia, kusho ukuthi sekufanele ibhukule emdlalweni olandelayo uma isibhekene neFrance ngoMgqibelo.
Enkundleni, iTunisia iyona eqale ngegiya eliphezulu ihlasela. Kusheshe kwacaca ukuthi inenqwaba yabalandeli abebechwaza uma ibamba ibhola. Nokho ukuhlasela kweTunisia bekuphelela emoyeni kwazise akukho okutheni obekukhathaza unozinti weDenmark, uKasper Schmeichel. Ithuba elicacile leTunisia lokushaya igoli livele ngomzuzu ka-42, ngesikhathi u-Isam Jebali ebhekana noSchmeichel kodwa walichithela ngaphandle lo nozonti.
Esiwombeni sesibili, iTunisia ibuye yaqhubeka nokuwuphatha umdlalo, ingqongqoza iphindelela emapalini eDenmark. Nokho ngomzuzu ka-69, unozinti weTunisia, u-Aymen Dahmen, utakule ezakhe evimba ibhola likaChristian Erikson sekuvalwe amehlo. Lona ngomunye weminyakazo yeDenmark ebikhombisa ngayo ukuba namandla. Kuze kwaphela umdlalo iDenmark ilifuna igoli lokuwina kodwa yagcina ingaphumelelanga.
Emidlalweni elandelayo wamaqoqo kaGroup D iTunisia izobhekana ne-Australia ngoMgqibelo, ivale ngeFrance ngoNovemba 30.