Mamelodi Sundowns (3) 4
Lamontville Golden Arrows (0) 0
NAKUBA kusesekuseni kodwa iMamelodi Sundowns ithumele umyalezo oshubile wokuqhubeka nokulwela ukuvikela isicoco seDStv Premiership, ibhaxabula iLamontville Golden Arrows ngo 4-0, ngoLwesibili, eLucas Masterpiece Moripe Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Kuyiwe ekhefini amaBrazilians ehamba phambili ngamagoli amathathu. Elokuqala lishaywe uPeter Shalulile ogcine engawuqedanga umdlalo ngenxa yokulimala. Bekungelesibili kule sizini.
Kube sekulandela elikaLesiba Nku alishaye ngesithende ngemuva kokunikwa ibhola uNeo Maema. Nakuba uNku edlalile beshaya iSwallows kowe-quarterfinal yeMTN8 kodwa bekungowokuqala kwiligi.
Elokuvala isiwombe sokuqala lingqofwe ngekhanda uGrant Kekana.
Ukuqhubeka nobuthongo kodonga lwe-Arrows kubuywa ekhefini kunikeze uNku elinye igoli.
Bekuvele kudume amakhanda kubadlali baBafana Be'sthende uma abeSundowns sebenikana ibhola into engapheli.
Njengokujwayelekile ibhola iSundowns ibiqala ukulidlala kusuka emuva. Phambi kwebhokisi le-Arrows bekuhlupha kakhulu uThemba Zwane, Marcello Allande noMaema.
Ohlangothini lwesokudla, uNku ubeyiphela endlebeni kuBradly Cross. Bebebukeka benethezekile abadlali bayo uma bephethe ibhola.
Nakuba bebezama ukuyihlanganisa abe-Arrows abafana noVelemseni Ndwandwe, Nduduzo Sibiya nabanye kodwa imizamo yabo ibiphelela emoyeni. Phambili, uRyan Moon ubengalitholi ibhola. Kuyabalwa lapho unozinti wezitha, uRonwen Williams athole khona ukuvivinywa.
I-Arrows ihluleke noma seyifake uSiyanda Mthanti, Lungelo Nguse, Sibonelo Celo no-Olwethu Ncube oshaye igoli bedla iBay. Ikhona yokuqala ize yayithola sekudlalwe imizuzu ewu-90.
Nakuba i-Arrows beyingeyona ingozi kodwa esiwombeni sesibili neSundowns ilehlisile izinga.
Bekuwumdlalo wesi-23 weligi uRhulani Mokwena engawazi umpetshisi selokhu ethathe izintambo zokuba inhloko yabaqeqeshi ngo-Okthoba wanyakenye.
Emidlalweni ewu-20 yeligi ngaphansi kobuholi bakhe ngesizini edlule, unqobe ewu-16, wadlala ngokulingana eyisithupha.
Kweka-2023/24, ubenqoba okwesithathu kwi-Arrows. ISundowns iqale ngeStellenbosch ngo 2-1, yalandela ngeKaizer Chiefs eyishaye ngamagoli afanayo.
Lokhu kusho ukuthi seyishaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni emithathu.
Abafana Bes'thende baye kowangoLwesibili benethemba lokuthi bazoqhubeka nokwenza kahle. Kowokuvula babambane neSwallows, kowesibili bashaya ngo-2-1 iRichards Bay. Begcina ukudlala neSundowns ngesizini edlule, bebambana ngo 1-1. NgoMgqibelo amaBrazilians azovakashela iChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. I-Arrows ecijwa uVusumuzi " Kanu" Vilakazi noMabhuti Khanyeza izothola isikhathi sokulungisa amaphutha njengoba izoze idlale nePolokwane City, ngo-Agasti 26, eMpumalanga Stadium