ISIMO somqondo wabadlali baMaZulu yisona esizocacisa ukuthi uyaqhubeka yini umdlalo wabo weDStv Premiership okumele ube kule mpelasonto neLamontville Golden Arrows.
Lokhu kuvezwe umengameli woSuthu, uSandile Zungu, izolo ngesikhathi behambele kubo kaBongi “Mdeva” Ntuli odlule emhlabeni ngeSonto eledlule. Umdlalo kumele ube seMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
UNtuli ushonele esibhedlela saseMgungundlovu ngemuva kokugula isikhashana. Esitatimendeni esikhishwe yiqembu ukuqinisekisa lezi zindaba, kuvele ukuthi odokotela bathole ukuthi ubenomdlavuza obususabalele ezingxenyeni ezehlukene zomzimba.
Namuhla kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo eMoses Mabhida Stadium. Uzofihlwa ngoLwesine ngemuva kwenkonzo ezobanjelwa lapho edabuka khona, eMkhambathini. Usuthu kuhlelwe ukuthi ludlale olandelayo weDStv Premiership ne-Arrows ngeSonto.
UZungu uthe bazimisele ukuwudlala lo mdlalo kodwa kusengenzeka bafake isicelo sokuthi uhlehliswe uma bebona ukuthi iqembu alikho esimeni esihle.
Umengameli woSuthu ophinde abe ngumukhwe kamufi ngemuva kokuthi emganisele indodakazi yakhe, uSinenjabulo, ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, ubekhuluma esemagcekeni akwaNtuli lapho abadlali, abaqeqeshi, abasebenzi nabalandeli beqembu bebehlanganyele khona ukuyoduduza umndeni izolo ntambama.
"Okunye okusiduduzayo wukuthi siwunqobile umdlalo wokugcina esiwudlalile uBongi esaphila yize ebesebambekile esibhedlela, sibhaxabula i-Arrows ngo 3-0 (koweCarling Black Label Knockout). Sithemba ukuthi usishiye emamatheka futhi sesizuze enye ingelosi ezosihola ohambweni olunzima esisazoluhamba,” uqhube kanje uZungu.
"Eqinisweni yithina esikhethe ukudlala ngeSonto. Uma kwenzeka sikhipha isinqumo esihlukile sizofaka isicelo sokuthi umdlalo uhlehliswe kwiPSL. Siyazi ukuthi imidlalo iminyene futhi kwesinye isikhathi ukuyihlehlisa kwandisa ubunzima. Sizobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi iqembu lisesimeni esifanele yini sokudlala ngeSonto.
"Akubuzwa ukuthi abadlali bathintekile ngokulahlekelwa isigubhukane ngomunye wozakwabo abebemthanda kakhulu. Sesike sabanika ithuba lokuxoxa nongoti, bakwazi ukuzwakalisa imizwa yabo.
"Sicabanga ukuthi sithatha izinyathelo ezifanele. Uma sibona kungahambi kahle sizosilungisa isimo ngokushesha. Okwamanje sisazobhekana neLamontville Golden Arrows ngeSonto futhi siyethemba ukuthi sizoyenza lokhu esiyenze kona ngoMgqibelo, egameni likaBongi Ntuli," kuqhuba uZungu.
UNtuli wafika okokuqala oSuthwini ebolekwe kwiMamelodi Sundowns ngesizini ka-2014/15, waphinde wabuya ngokuphelele ngesizini ka-2018/19. Ngaphambi kwalokho ubesedlalele iPlatinum Stars ne-Arrows aqala kuyona ukubonakala ebholeni elikhokhelayo ngo-2011.
Ubesethathwa njengenye yezinsika zeqembu ngenxa yokushaya amagoli amqoka, ikakhulukazi ngesizini ka-2019/20 ngesikhathi ehlohla angu-13 esiza leli qembu ukuthi lisinde ezembeni.
UZungu uthe abasoze bawakhohlwa amagalelo akhe.
"Kunzima ukukhohlwa uBonginkosi Ntuli. Ungomunye walabo badlali abayivelakancane, lolo hlobo lomgadli olukwaziyo ukuthwala ubunzima emahlombe akhe. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi Amazulu ebhekene nezembe amagoli akhe yiwona atakula iqembu," kusho uZungu.
"Kangingabazi ukuthi ukube Amazulu awahlalanga esigabeni esiphezulu ngabe asizange silithenge iqembu siwumndeni wakwaZungu.“