UKUHLENGA igunya leRichards Bay FC lokudlala kwiDStv Premiership yikhona osekubusa umqeqeshi waleli qembu, uVasili Manousakis njengoba lilokhu liqhubeka nokushona phansi kwi-log yeDStv Premiership.
Ngempelasonto, iBay iguqiswe yiLamontville Golden Arrows ngo-1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Lo mphumela uyikhiphile kwi-Top 8 lapho ebisihlale khona isikhathi eside. Ishoveleke endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-31 emidlalweni ewu-25.
INatal Rich Boys efike kwezwakala esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika, kulandela ukudla kwayo isicoco kwiMotsepe Foundation ngesizini edlule, ilokhu iya ngokuya ihlehla nyova kwi-log.
Kunesikhathi lapho yahlala emhlane weMamelodi Sundowns kwaze kwaqala nezinkulumo ezikhomba ukuthi isendleleni ebheke emidlalweni yeCaf.
Kube sengathi ayaxega amabhawodi esiwombeni sesibili sesizini enqanyulwe phakathi oweNdebe yoMhlaba ebiseQatar.
UManousakis ubikele abezindaba izinkinga eziningi ebezihaqe leli qembu ezinyangeni ezedlule kodwa wakubalula ukuthi okuyikhona asebekulwela ukugcina indawo yeqembu esigabeni esikhulu.
“Kule midlalo esisalele sidinga amaphuzu azosibeka okungenani kwawu-36 noma eduze kwalapho ukuze sizoqinisekisa ukuphepha kweqembu ezembeni ngoba okwamanje lokho ikhona okuseqhulwini,” kusho uManousakis.
“Kule sizini kunezikhathi lapho bengibuzwa khona abezindaba ngamathuba ethu okuyomela i-PSL e-Afrika kwajika kwaba imibuzo nge-Top 8 njengoba sesikhuluma indaba yokuhlenga iqembu ezembeni,” kuqhuba lo mqeqeshi osewushayela yedwa umkhumbi njengenhloko.
Akakufihli uManousakis ukuthi iqembu lakhe lishaywa ukungabinabo abadlali asebenokhakhayi oluqinile esigabeni esikhulu. Uthe ukwakha iqembu kuzodinga isineke, okuyinto engazi ke ukuthi abaphathi ngabe bazoba nayo yini.
“Kusukela kuqale unyaka, inkinga yokwehlelwa ukuzethemba kwabadlali ilokhu isilandele njalo. Ngisho ngabe ungubani, akukho ongakwenza ngokugccwele uma ukuzethemba kwakho kuphansi.
“Isimo esikusona siphoqe ukuthi sizinuke amakhwapha ngohlobo lwabadlali esinabo. Siqalile sazibuza ukuthi laba badlali esinabo banawo yini amava kwi-PSL kumbe amagalelo angasikhipha kulolu bishi esizithola sikulona?
”Kubadlali abaqale umdlalo we-Arrows babili kuphela abanesipiliyoni sokudlala kwiPSL (uNtsikelelo Nyauza no-Abel Mabaso) ngakho-ke kuzothatha isikhathi ukuthi izinto zilunge.
“Ukuthi usihlalo unaso yini leso sikhathi, umbuzo engingakwazi ukuwuphendula. Siyazama ukwakha iqembu ngokuqonda ukuthi senze iphutha lokungasiqinisi isikwati ithuba likhona ngoJanuwari,” kusho yena. IBay isishaywe emidlalweni eyisikhombisa yeligi kulandelana. Izobuyela enkundleni ukuyobhekana neMamelodi Sundowns ngo-Ephreli 18.