Ukuvulwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali kwiPremier Soccer League (PSL) kunikeza wonke amaqembu ithuba lokuqinisa izikwati zawo, ikakhulukazi lawo angenzanga kahle emzuliswaneni wokuqala wesizini.
Kusukela ngoJanuwari 1 kuze kuyophela inyanga, wonke amaqembu avumelekile ukubhalisa abadlali abasha kwiPSL.
Ayisishiyagalombili amaqembu azongena emakethe esaholwa ngabaqeqeshi aqale nabo isizini. Lawo maqembu yi-Orlando Pirates, Stellenbosch FC, Polokwane City, Kaizer Chiefs, Sekhukhune United, Royal AM, SuperSport United neMarumo Gallants.
Akumangazi ukuthi iningi lalawa maqembu lisabambelele kubaqeqeshi kwazise ayisithupha awo aqede unyaka engaphakathi kwiTop 8.
Iqembu elithwele kanzima kuwona yiGallants, esendaweni ka-13 ngamaphuzu angu- 10 emidlalweni engu-11. Umqeqeshi waleli qembu, uDan Malesela, unikwe ikhefu emasontweni adlule kodwa usephinde wazithatha izintambo.
IRoyal AM ilona kuphela iqembu laKwaZulu-Natal elingakenzi zinguquko ethimbeni labaqeqeshi kule sizini.
AmaZulu amkhomba indlela uPablo Franco Martin ngenxa yemiphumela engagculisi, izintambo zaphoswa ku-Arthur Zwane benoVusumuzi Vilakazi.
Kwenzeka okufanayo nakwiRichards Bay FC, exoshe uBrandon Truter, yabambisa uRonnie Gabriel noSiboniso Gumede.
Ngasohlangothini lweLamontville Golden Arrows, ngoDisemba kwavela ukuthi uMabhuti Khenyeza akazange alubhade emsebenzini isonto lonke, wagcina eselishiyile leli qembu. Emidlalweni yakamuva beliphekwa nguMusa Bilankulu noKagiso Dikgacoi.
UKhenyeza usanda kumenyezelwa njengephini likaThabo September oseyinhloko yabaqeqeshi kwiChippa United kulandela ukushiya kukaKwanele Kopo.
Amanye amaqembu aseshintshe abaqeqeshi kule sizini, yiMamelodi Sundowns, TS Galaxy nomakoti beligi iMagesi FC.
ISundowns imkhombe indlela uManqoba Mngqithi ngenxa yemiphumela engagculisi, yaqasha umqeqeshi wasePortugal, uMiguel Cardoso, osefike waqoqa amaphuzu.
Owayeqeqesha iTS Galaxy, uSead Ramovic, wamemezela kwithelevishini ekupheleni komdlalo ukuthi useyalishiya leli qembu. Isikhala sakhe sivalwe ngobeyiphini lakhe, u-Adnan Beganovic.
Nakuba uClinton Larsen aphumelela ukufaka iMagesi FC esigabeni esiphezulu waphinde waqopha umlando eyinqobisa isicoco seCarling Knockout kodwa ukugqoza kwemiphumela emidlalweni yeligi kuholele ekutheni ibhantshi ligcwale umoya nakuye.
Leli qembu elisemsileni kwi-log yeBetway Premiership, lisanda kumemezela u-Owen Da Gama njengomqeqeshi walo omusha.
Elinye iqembu elizoqala unyaka liholwa ngumqeqeshi omusha yiCape Town City, esanda kuhlukana no-Eric Tinkler. I-The Citizens imemezele ukuthi iqembu izoqeqeshwa nguMuhsin Ertugral kuze kuphele isizini. Lo mqeqeshi odabuka eTurkey uzobe eseqhubeka nesikhundla sakhe sokuba yiTechnical Director.