SIMATANISWA neqembu elidlala kwi-Italian Serie A isethenjwa odongeni lwasemuva kwi-Orlando Pirates, u-Olisa Ndah, esidabuka eNigeria.
UNda (24) kufike kwiSolezwe ngoMgqibelo izindaba ezimkhomba kwiSassuolo okuyiwe ekhefini iyibambe endaweni ka-15 kwilog yeSerie A enamaqembu angu-20.
Lezi zindaba zifike kuleli phephandaba ngomthombo osondelene nezindaba zomdlali.
“IPirates isikutholile okubekwa yiSassuolo etafuleni futhi nayo isiphendulile ngefisa ukukuthola. Lokhu kuyakhulumeka ngoba umdlali usenenkontileka. Ngigcine sekusele ukuthi babekanaphi kodwa maningi amathuba okuthi ngenyanga ezoqala abe se-Europe,” kusho lo mthombo.
UNdah ngomunye wabadlali abamqoka kwiPirates nokufakazelwa wukungasali kwakhe esikimini kusukela efikile kuleli qembu ekuqaleni kwesizini ka-2021/2022.
Ngesizini edlule uNdah udlale imidlalo engu-31 kwiPirates sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano. Lapho lo mdlali wase-Enugu, eNigeria, ubefika kuleli qembu.
Bashintshile abaqeqeshi kodwa waqhubeka nokulidla ijezi kangangoba kule sizini usedlale yonke engu-12 imidlalo yeligi nemibili yeMTN8, ayinqobe njengesicoco sakhe sokuqala kuleli.
Indlela ebukeka isivuthwe ngayo indlela yakhe ebheke e-Europe, sekufike ezingeni lokuthi kwayona iPirates isingene yagxila ekubhekeni umdlali ezovala ngaye isikhala.
“IPirates isiqalile ukusabalala ibheka umdlali ezovala ngaye isikhala. Ngigcine besezinhlelweni zokubuyisa uMobara (Abbubaker) okuMaZulu FC,” kusho lo mthombo.
ISassuolo le okukhulunywa ngayo, nayo kuyacaca ukuthi iyamdinga umdlali ozoba yinsika emuva kwazise isingenelwe ngamagoli angu-22 kule sizini.
Lawo magoli ayishiya nesikweletu sayisikhombisa kwazise isashaye angu-15 kuphela.
“Bona bazoyenza imali ngoba lo mdlali udlala njalo kanti futhi naseqenjini lesizwe laseNigeria uyabizwa. Kuzobalula impela ukuthenga uMobara,” kugcizelela umthombo.
Yize lo mthombo uzimelela kokushoyo kodwa kube nzima ukuthola izimpendulo kwabakhulumela amaqembu, uFloyd Mbele wePirates noBrilliant Mkhathini waMaZulu.
Indaba iqale kuMbele ngokuhamba kukaNdah nokubuya kukaMobara kodwa ugcine ezibalekela, engaphenduli nemiyalezo.
Sekubhekenwe noMkhathini ngeyokuthi kukhona yini asebekutholile okuvela kwiPirates ngokubuyisa uMobara, uvele wathela amanzi.
“Okwamanje sonke sisemalivini. Zonke izinguquko ngabadlali, abahambayo nabafikayo, zizokwethulwa ngendlela ngesikhathi. Nokho-ke angikwazi konke lokhu okhuluma ngakho,” kusonga uMkhathini.