STHEMBISO NGOBESE
UJAZZMAN Mahlakgane oyiMenenja kaThemba “Mshishi” Zwane weMamelodi Sundowns noThembinkosi “Nyoso” Lorch we-Orlando Pirates, ubona laba badlali bakhe besenalo ithuba lokuyogijima phesheya kwezilwandle, inqobo nje uma amaqembu abafunayo ezokwenza izinto ngendlela efanele.
Selokhu kuqale le sizini ka-2020/2021 kwiDStv Premiership bobabili uZwane noLorch bakhombisa ukuba sefomini enhle. Kanti futhi bobabili sebekuveze kaningi ukuthi bangathanda ngelinye ilanga ukuyogijima e-Europe.
UZwane waseTembisa, eGauteng, njengamanje ungomunye wabadlali ababambe iqhaza elikhulu ekutheni iSundowns iqhawakele phezulu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu awu-27 kanti usevakashele inethi amahlandla ayisishiyagalombili.
Ngakolunye uhlangothi, uLorch usize iPirates ekutheni inqobe indebe yeMTN 8 ngesikhathi ihlula ngo 2-1 iBloemfontein Celtic, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoDisemba ngonyaka odlule.
UMahlakgane utshele leli phephandaba ukuthi nakuba kungekho lutho olubambekayo okwamanje kodwa ikhona imizamo yokuthi laba badlali bobabili bagcine begijime e-Europe.
Uthe akafuni ukuthi laba badlali bayogijima nje kunoma iyiphi iligi yase-Europe kodwa kumele kube yiligi enkulu futhi ehlonishwayo ngoba nabo bangabadlali beqophelo eliphezulu.
“Nakuba okwamanje ingekho into ephathekayo ngoZwane noLorch mayelana nokuthola kwabo amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle, ngibona besenalo ithuba lokuthi ngelinye ilanga bagcine bewafezile amaphupho abo okuyodlala e-Europe.
“Njengomphathi wabo ngenza ngakho konke okusemandleni ami ukuthi ngibatholele amaqembu phesheya ngoba sebekuveze kaningi ukuthi kuyisifiso sabo esikhulu ukuyodlala ezingeni lomhlaba.
“Kodwa-ke nakuba kunjalo akumele nje baye kunoma yiliphi izwe lase-Europe kodwa kumele baye emaligini amakhulu futhi lokhu kuzokwenzeka uma amaqembu abafunayo ezokwenza izinto ngendlela efanele,” usho kanje uMahlakgane.
Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kweFIFA World Cup ka-2010 eyayilapha eNingizimu Afrika, uMahlakgane wasolwa kakhulu ngokuhluleka kwakhe ukutholela amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle abadlali ababevutha abafana no-Itumeleng Khune weChiefs, Teko “The General” Modise owayegijima kwiPirates ngaleso sikhathi noSiphiwe “Shabba” Tshabalala. Nokho uTshabalala ugcine elitholile ithuba lokuyodlala eTurkey nakuba iminyaka yakhe bese ihambile.