I-ROYAL AM izimisele ukusonga unyaka lingenawo ugcobho irekhodi layo emidlalweni yabakhaya yeDStv Premiership njengoba izovakashela AmaZulu FC ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lokhu kuzwakale enkulumweni yomgadli waleli qembu eselizinze eMgungundlovu, uMxolisi Macuphu ngesikhathi edlana indlebe nethimba labezindaba laleli qembu ngomdlalo wabo noSuthu.
Nakuba engeneme ngokugcwele ngesiwombe sokuqala sesizini yaleli qembu kodwa uMacuphu oke wadlalela iLamontville Golden Arrows akangabazi ukuthi ukuwina kowaMaZulu kuzoshintsha okuningi.
Kusukela kuqale isizini ka-2023/2024 iThwihli Thwahla ayiyazi induku emidlalweni emine esiyigijime namaqembu angabakhaya bayo KwaZulu-Natal.
IRoyal AM iqale yacazelana ngamaphuzu noSuthu neRichards Bay ngokwahlukana amasonto elandelana ngasekuqaleni kwesizini.
Leli qembu lenkinsela yaseThekwini, uShauwn Mkhize, lisanda kushaya ngo 3-2 iBay muva nje kanti kowayo ne-Arrows wakamuva, linqobe ngo 1-0.
“Umdlalo wethu naMaZulu uzosicacisela okuningi ngalapho sifuna ukuqeda unyaka sihleli khona kwi-log kwazise sinezinhloso ezinkulu ngale sizini,” kusho uMacuphu.
“Kuzoba umdlalo omqoka ngoba uma singaqoqa amaphuzu amathathu kuwona, nendawo esizoqeda unyaka sihleli kuyona izohlonipheka.
“Asilona iqembu okufanele libalwe konombolo-13 kuya phansi ngakho-ke umphumela omuhle kulo mdlalo uzosibeka endaweni enhle ngezindlela eziningi,” kuqhuba lo mgadli.
Bafuna ukusebenzisa iwini Osuthwini ukundlalela isiqalo esihle ngonyaka omusha.
“Ukuqoqa kwethu amaphuzu amathathu kulo mdlalo naMaZulu kuzokwenza ukuthi nasesiwombeni sesibili sesizini sibuye ngomfutho ofanayo,” kuqhuba yena.
UMacuphu uzishaya isifuba ngerekhodi labo kule sizini uma bebhekene namaqembu angomakhelwane babo.
“Lihle kakhulu irekhodi lethu uma sibhekene nomakhelwane ngakho-ke asifuni ukuqeda unyaka selinogcobho.
“Kowokuqala wesizini noSuthu sithole iphuzu ekhaya okulandelwe amawini kwiRichards Bay ne-Arrows. Ngokwemidlalo yasekhaya sizihambele sodwa kwawaseThekwini esiwombeni sokuqala sesizini.
“Lokhu kukodwa kwenza kubemqoka nakakhulu ukuwina kuMaZulu. Akusho lutho ukuthi siya esibayeni sawo (AmaZulu) ngoba imiphumela yethu yakamuva ikhomba ukuthi singabuya namaphuzu kunoma iyiphi inkundla uma sizimisele,” kusho lo mgadli ngokuzethemba.
Usuthu luzokwamukela iRoyal AM luwabheke ngabomvu amaphuzu agcwele kwazise ngesonto eledlule lubanjelwe ekhaya yiCape Town Spurs elokhu yahlala emsileni ngosuku lokuqala lwesizini kuze kube inamuhla.