Orlando Pirates (1) 2
Cape Town City (0) 0
I-ORLANDO Pirates iwendlalele ngewini umdlalo omqoka weMTN8 idedela isibhaxu kwiCape Town City koweDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli ePirates ashaywe nguZakhele Lepasa noPatrick Maswanganyi esiwombeni ngasinye. EZimnyama zingene enkundleni zishayela phezulu kulandela ukuvithiza iDjabal yaseComoros emdlalweni wokuhlungela isigaba samaqoqo seCaf Champions League ngempelasonto edlule.
EZimnyama sezivivela ukugadulisana neStellenbosch FC emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto ngo-3 ntambama.
IStellies iyona kuphela eyehlule iPirates kule sizini ngesikhathi iyithela isibhaxu emdlalweni wokuqala weligi. Akubuzwa ukuthi eZimnyama zizoya eKapa zifuna ukuyoziphindiselela kubafana bakaSteve Barker.
KoweCity, iPirates iyona eqale umdlalo ngegiya eliphezulu, icindezela kodwa ihluleka uma isifike phambili. Nokho izinto zisheshe zayilungela ngomzuzu wesishiyagalolunye ngesikhathi uLepasa ephenduka nesitobha seCity uKeanu Cupido ngaphandle kwebhokisi, washaya ingcwenga yebhola yangena phakathi. Emuva kwaleli goli, iCity izamile ukubuya kodwa iPirates ibikhombisa ukuba namandla kunayo. Ngenxa yalokho, kade ezipholele unozinti wePirates, uSipho Chaine.
Esiwombeni sesibili, iPirates ibuye ekhefini yafaka ukaputeni u-Innocent Maela endaweni kaNkosinathi Sibisi othole ikhadi eliphuzi kwesokuqala. Emuva kwalokho iqhubeke lapho igcine khona, ihlasela iCity iphindelela.
Emuva kwemizuzu, iCity yenze izinguquko yafaka abanye abadlali okukhona kubona isethenjwa uKhanyisa Mayo. Akuphelanga isikhathi eside zashintsha izinto enkundleni.
Ngomzuzu ka-65 Chaine uchithele phezu kwepali ibhola likaMayo abelishaye lashayisa kumdlali wePirates. Nokho ngomzuzu ka-75, uMaswanganyi uqinisekise amaphuzu amathathu eshayela eZimnyama igoli lesibili emuva kwebhola eligingqwe nguDeon Hotto kulandela iphutha elenziwe yiCity emuva.
Ngokuwina kwiCity, iPirates inyukele endaweni yesine kwi-log yePremiership isuka endaweni ka-10.