UMDLALI wasesiwini weKaizer Chiefs, uYusuf Maart, uzethwese ijoka lokuba yisibonelo kwabanye abadlali baleli qembu laseNaturena njengoba ibhande lobukaputeni lisanikwe yena kulezi zinsuku.
Ngasekupheleni konyaka odlule iChiefs ibhekane nenkinga yabaholi kulandela ukukhishwa esikimini kukaBrendon Petersen ngenxa yamaphutha.
Lo nozinti ubenikwe isikhundla ngoba ukaputeni weqembu, u-Itumeleng Khune, ubengadlali. Emuva kokumiswa kukaKhune, kulandela ukubhekana nolaka lwekomidi leChiefs eliqondiswa ubugwegwe, ibhande likakaputeni liwele kuMaart. UKeagan Dolly, ongomunye wokaputeni, ubelimele.
Nakuba uMaart elamukela ibhande kodwa akubheke kakhulu wukukhuphula ifomu yakhe ukuze ezoba isibonelo nakwabanye abadlali.
IChiefs izobe iholwa nguMaart kowokuqala weDStv Premiership kusukela zibuye ekhefini ebelidalwe i-Africa Cup of Nations (Afcon). Amakhosi azobhekana neRoyal AM ngeSonto ngo-3.30 ntambama eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Amakhosi aya kulo mdlalo ehambela phezulu kwazise unyaka usongwe esenombele afika endaweni yesithupha kwi-log.
“Akuwona umsebenzi onzima ukuba ukaputeni weChiefs ngoba bonke abadlali abakhona emabhukwini ayo bangawenza lo msebenzi kodwa okumqoka wukuthi ngikhombise abanye ukuthi kungani kuqokwe mina okwamanje,” kusho uMaart ekhuluma nethimba labezindaba leChiefs.
“Okusemqoka kunakho konke wukulungisa awami amaphutha kuqala. Angiwashayile ngokwanele amagoli kule sizini kanti nozakwethu angibakheli amathuba ngendlela engijwayele ngayo.
“Yize ngingakufakile ekhanda ukuthi yimina enginikwe ibhande kulokhu kodwa kusemqoka (kimina) ukuthi ngenyuse izinga okuyinto engenza nabanye abadlali babhukule.
“Siyidinga yonke imiphumela emihle esingayithola njengoba isizini isikulesi sikhathi ekusona. Siya kwiRoyal AM ngokuqonda ukuthi kufanele sijuluke uma sifuna ukubuya nokuthile,” kuqhuba lo mdlali wasesiwini.
UMaart ukholelwa ekutheni iChiefs isengabalwa embangweni wesicoco nakoweNedbank Cup kodwa kufanele ikhombise ngezenzo ukuthi kuyifanele lokho.
“Ngabe sidlala ngomsebenzi uma singaphonsa ithawula embangweni wesicoco ekubeni singazi kuzokwenzekani ezinyangeni ezizayo.
“NakwiNedbank sinethuba elifanayo nawo wonke amanye amaqembu ngakho-ke kufanele sibuke le miqhudelwano yomibili njengethuba lokwesula izinyembezi kubalandeli bethu nabaphathi abaseseka ngakho konke esikudingayo ngesikhathi esikudinga ngaso,” kuphetha lo mdlali okhulele kwi-Orlando Pirates.