UKUNQWAMANA ne-Al Ahly kweMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weCaf Champions League akumqwashisi uMiguel Cardoso yize isabuye iziveze kuyena inhlese yegqubu lokuthi leli qembu lase-Egypt yilona elamphuca iqatha lesicoco emqhudelwaneni ofanayo ngesizini edlule.
UCardoso ukukhombise lokhu esithangamini nabezindaba kulandela ukudlulela kweSundowns kowandulela owamanqamu ngokubambana ngo 0-0 kowomlenze wesibili we-quarterfinal ne-Esperance Sportive de Tunis eTunisia ngoLwesibili.
Kowomlene wokuqala owawusePitoli iSundowns yanqoba ngo 1-0 wegoli likaPeter Shalulile. Umphumela womlenze wesibili kufanele ukuba wehle kahle kuCardoso kwazise ubekhipha kwiChampions League iqembu akhipha ngalo iSundowns emqhudelwaneni ofanayo ngesizini edlule.
“Kunomuzwa wokuthi besizele ukuzovala emuva eTunisia kodwa lokhu akulona iqiniso futhi ubufakazi busekutheni sifike kangaki ezintini zezitha,” kusho uCardoso.
Kulo mdlalo iSundowns ibingalithungi ngendlela ejwayelekile kodwa lokhu bekuphoqa kwazise eminyakeni edlule igxekwe kakhulu ngokukhala ngaphansi kwiChampions League ngenxa yakho ukungayiguquli indlela edlala ngayo noma sekuphoqa.
“Besidlala umdlalo weChampions League ngakho-ke bekumqoka ukwenza konke okusemandleni ukuzibekisela indawo esigabeni esilandelayo,” kusho yena.
Kowandulela owamanqamu iSundowns izobhekana ne-Al Ahly okuyiqembu eligobe i-Esperance kaCardoso ngo 1-0 kowamanqamu walo mqhudelwano wangesizini edlule.
“Yiqiniso ukuthi i-Al Ahly zingqwele zase-Afrika okufakazelwa amahlandla esidle ngawo iChampions League kodwa lokhu ukusho ukuthi ayishayeki.
“Ngebhadi yangishaya kowamanqamu ngesizini edlule kodwa lokhu akungenzi ngingalali ebusuku futhi angikungabazi ukuthi iSundowns inawo amava okuthola umphumela oncomekayo kwi-Al Ahly.
“I-Sundowns iyisikhondlakhondla sase-Afrika ngakho-ke ngeke kuyisize kangako ukuchitha isikhathi icabanga nge-Al Ahly ngoba nalo leli qembu lenza okufanayo.
“Okwamanje sizosikhumula isigqoko seChampions League sifake eseNedbank Cup esinomdlalo onzima kuyona neKaizer (Chiefs) ngeSonto,” kusho uCardoso.
I-Al Ahly izifake kowamanqamu ngokunqoba ngo 2-0 sekuhlanganiswe imilenze kwi-Al Hilal yaseSudan. Owomlenze wokuqala weSundowns ne-Al Ahly usePitoli ngo-Ephreli 18 bese owesibili ube seCairo ngo-Ephreli 25.