XOLILE MPISANE
ABAQEQESHI beMamelodi Sundowns basadidekile mayelana nokulimala komgadli weqembu, uPeter Shalulile.
Lo mgadli ugcine ukubonakala kuMaSandawana emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8 bebhekene ne-Orlando Pirates ngo-Okthoba 1.
Ubengekho eqenjini ngesikhathi lidlala kabili neLa Passe kweyokuhlungela amaqoqo kwiCaf Champions League, kanjalo nomdlalo weDStv Premiership neMarumo Gallants, obungoLwesithathu ebusuku.
Ekhuluma ngemuva komdlalo neBahlabane Ba Ntwa, onqotshwe ngamaBrazilians ngo 1-0, omunye wabaqeqeshi be’Downs, uRhulani Mokwena, uthe basalinde eminye imibiko ngesimo sikaShalulile.
“Usesimweni esinzima futhi sisazama ukuxhumana nongoti abahlukene, ukuze sithole imibono eyahlukene,” kusho uMokwena.
"Noma yini engingayisho ngoPeter njengamanje, kungaba wukuqagela nje ngoba kufanele isimo sihlolisiswe ngendlela efanele ukuze sikwazi ukuthola indlela eya phambili.
“Ake sime kancane. Iqembu lisazophawula. Kodwa okwamanje kukhona okuxakayo ngesimo sakhe. Uma ngithi kukhona okuxakayo, ngikhuluma ngemisipha, hhayi okunye.
“Sizama ukuthola imibono eyahlukene, sithole izimpendulo kongoti abahlukene kodwa iqembu lisazoqhamuka nempendulo efanele. Asazi ngempela ukuthi isimo sinjani njengamanje.”
UShalulile ungomunye wabashaye amagoli amaningi kwiligi yakuleli kule sizini njengoba esehlohle ayisithupha. Ubambene noBradley Grobler weSuperSport United noBonfils-Caleb Bimenyimana weKaizer Chiefs.
Kubukeka sengathi ayamfimfa amathuba okuthi abekhona uma iSundowns isidudulana ne-Orlando Pirates emlenzeni wesibili owandulela owamanqamu eMTN 8 ngoMgqibelo. Umlenze wokuqala waphela zibambene ngo 0-0.