UNIKELA enkantolo ngenhloso yokubopha uPule Mmodi, uSolomon Seobe obeyimenenja yakhe okhala ngokushaywa ngesithende ngesikhathi lo mdlali esayina ezweni lesethembiso, iKaizer Chiefs.
NgoMsombuluko, iChiefs igcine ikuqedile ukuqagela imemezela ukuthi lo mdlali obekwiLamontville Golden Arrows usayine kuyo amasizini amathathu.
USeobe uveze ukuthi kuthe gidi kuye efonelwa nguPule ngoLwesithathu olwedlule emazisa ukuthi inkontileka yeChiefs isingakuye.
Uqhube wathi umdonse ngendlebe ukuthi angayisayini engakambonisi.
Le menenja ithe okuyenze yehlisa amaphaphu ngesikhathi uMmodi eyifonela, wukuthi ibizitshela ukuthi basazoqhubeka nokusebenzisana kanti ayibuzanga elangeni.
Ibalisele Isolezwe ukuthi itshelwe ngomunye ongaphakathi kwiChiefs ukuthi uPule odabuka eMasilo, eTheunissen, eFree State, usayine ngoMgqibelo.
“Wenza lokhu nje, inkontileka yami naye beyiphela ngeSonto. Ngiphinde ngathola ukuthi ubengenza isilima, kuthiwa ubehlale ehambisana nenye imenenja ezingxoxweni neChiefs (Isolezwe linalo igama lale menenja kodwa lisazama ukuyithola),” kusho uSeobe, ongummeli ozinze eBloemfontein.
AmaKhosi aqale ukumzingela ngesizini ka-2021/22 enza izimanga kuBafana Bes'thende nokwenze waze wabizwa nguHugo Broos kwiBafana Bafana.
Sekucaca emasontweni edlule ukuthi uzophelela eNaturena, uSeobe weSR Sport Management, utshele Isolezwe ukuthi akasamtholi ngisho ezingcingweni lo mdlalo.
Uthe ubemfunela khona ukuthi baqale izingxoxo neChiefs.
Inkontileka kaMmodi ne-Arrows iphele ngoLwesihlanu, uJuni 30 kanti eyokusebenzisana kwakhe noSeobe inqamuke ngeSonto okuphunywa kulo, uJuni 2.
Yilokhu uSeobe ethi uzomfundisa isifundo uMmodi.
“Ubhayizile, bekumele asayine neChiefs isiphelile inkontileka yami naye. Ngisalinde ukuthola inkontileka ayisayine kwiChiefs.
“Uma isifikile ezandleni zami, ngizonikela enkantolo. Okunye okubalulekile kuyo (inkontileka) wukubona ukuthi kuvunyelwene ngamalini.
“Ngifuna ukumfundisa isifundo esinzima, kanjalo nabanye abadlali uma becabanga ukuhamba ngemuva izimenenja zabo, bacabangisise kahle.
“Ngiyayifuna ingxenye yemali yami, ngeke ngimyeke. IChiefs kayingene kulo ludaba, ngizoqondana ngqo noPule,” kusho uSeobe.
Uthi okumdida kakhulu ngesenzo sikaMmodi, wukuthi bebengakaze baxabane noma akhononde ngokuthile.
Uqhubeke ngokuthi uyokuxoxela amagwababa echobana akwenziwe nguPule, osemlaxaza kanje ngoba esesayine kwiChiefs. Lo mfana usuka naye ezinkulisa zeFree State Stars.
“Besihlale sindawonye noma esekuThongathi kanjalo nakwiLamontville Golden Arrows. Injalo-ke imali iyakhohlisana. Uyakhohlwa ukuthi yimpilo le.”
KwiChiefs uPule uzogqoka ijezi elingunombolo 13, elaligqokwa nguDavid Obua wase-Uganda.
NgoMsombuluko umenyezelwe kanye noRanga Chavaviro, Thatayone Ditlhokwe, Mduduzi Mdantsane, Given Msimang no-Edson Castillo waseVenezuela.