OWAYEYISIHLABANI seKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uJohannes “Mahlalela” Hadebe, ukholwa wukuthi kusafanele anikwe ithuba umqeqeshi uNasreddine Nabi, ahlanganise leli qembu nangesizini ezayo.
UHadebe usho kanjena nje isiyaqala imvunge kwabanye abalandeli beChiefs yokushaya amakhala ngoNabi nangendlela iqembu elihluleka ngayo ukugcina umgqigqo emidlalweni yeligi. Lokho sekudale ixhala lokuthi nakule sizini lingase likuthole kunzima ukuqeda kwiTop 8, ingasaphathwa eyendawo yesithathu, uma liqhubeka ngale ndlela elenza ngayo muva nje.
Emidlalweni emine yakamuva, Amakhosi anqobe owodwa ashawa kwemibili adlala ngokulingana kowodwa.
Asendaweni yesishiyagalombili kwi-log yeBetway Premiership, kanti asalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili ukusonga isizini.
“Ithemba ngisenalo ngomqeqeshi uNabi, engikholwa wukuthi kusafanele anikwe ithuba lokuqhubeka nalokhu akwakhayo. Ngiyakuqonda ukuthi abalandeli beChiefs sekunesikhathi eside bagcina ukubona iqembu labo lizuza indebe futhi isineke siyabaphelela ngokungenzeki ngokufisa kwabo kodwa iqiniso wukuthi ngeke kwasiza ukuxosha umqeqeshi esakha iqembu,” kusho uHadebe, owayeseqenjini laMakhosi eladla izicoco ezintathu ngesizini ka-1982 okuyi-BP Top 8 (MTN 8), Sales House Champ of Champs, neMainstay Cup (Nedbank Cup).
“Okufanele abalandeli bakuqonde ukuthi uNabi yisizini yakhe yokuqala lena kwiChiefs futhi ungumqeqeshi wokufika, osadinga isikhathi sokuhlanganisa kahle iqembu ngoba ufike izinto zivele zibheda.
Iqiniso wukuthi okwamanje izinto zisaliphika iqembu phezu kokuba linabadlali abahle elibasayinisile kule sizini, ikakhulu ngasohlangothini lokuqedela amathuba okushaya phambi kwamapali, okuyinto ekhathaza wonke umlandeli weChiefs okwamanje.”
Muva nje uNabi ukuvezile ukuthi ushoda ngomgadli oqatha, okwaziyo ukuhlala ebhokisini nozokwazi ukuqedela umsebenzi phambi kwamapali.
“Noma imdinga iChiefs umgadli obukhali kodwa kufanele kubhekwe ukuthi lowo mgadli emtholayo ukulungele yini ukudlala eqenjini elinjengeChiefs, uzoba nabo yini abadlali azokwazi ukudlala ngokuzwana nabo. Kungathathwa nje umgadli ngoba eshisa eqenjini lakhe.
"Iqiniso wukuthi abadlali beqembu kufanele bakuqonde ukuthi kusho ukuthini ukugqoka ijezi leChiefs. Angakwenza konke umqeqeshi kodwa ekugcineni ingcabha isale kubona abadlali ukuthi bayakuqonda yini okulindelwe kubona enkundleni.
"Ukugcina umgqigqo kweqembu kuncike kakhulu kubona abadlali ekukuqondeni ukuthi awukho umdlalo olula kwiChiefs, alikho iqembu elingafuni ukuhlula iChiefs kwiBetway Premiership,” kuphetha uHadebe.
Amakhosi azobuyela ensimini ngokubhekana neLamontville Golden Arrows, ngoMashi 9, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.