ILiverpool neBarcelona ngamaqembu okuqala azibekisela indawo kwi-Last 16 yeChampions League kulandela ukunqoba imidlalo yabo yamaqoqo ngoLwesibili ebusuku.
IReds iqhubekile nokuzitamuzela amaphuzu kulo mqhudelwano inqoba iLille ngo 2-1 e-Anfield ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli eqembu lika-Arne Slot ashaywe nguMohammed Salah noHarvey Elliott ngokwehlukana kweziwombe. EleLille livalelwe enethini nguJonathan David maphakathi nesesibili.
Lo mphumela ugcine iLiverpool esicongweni ngamaphuzu angu-21 emidlalweni eyisikhombisa, waqinisekisa indawo yayo kwi-Last 16 yalo mqhudelwano njengelinye lamaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu kwi-log.
Elinye iqembu elizibekisele indawo kwi-Last 16 yiBarcelona yaseSpain, ebuye isingcwatshiwe yaguqisa iBenfica ngo 5-4 ekuhambeni.
Kuyiwe ekhefini iBenfica ihamba phambili ngo 3-1, yaphinde yaba phambili ngo 4-2 kwesesibili kodwa iBarca ikwazile ukubuya yaze yawunqoba umdlalo ngegoli elishaywe uRaphinha ngesikhathi esengezwe ngunompempe.
Leli qembu eliphekwa nguHansi Flick lisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-18 emidlalweni eyisikhombisa. Yilona kuphela elisanethuba lokugudluza iLiverpool esicongweni uma sekudlalwa imidlalo yokugcina yamaqoqo.
Imiphumela ye-UEFA Champions League yangoLwesibili:
Liverpool 2-1 Lille; Benfica 4-5 Barcelona; Monaco 1-0 Aston Villa; Atalanta 5-0 Stum Graz; At;etico Madrid 2-1 Bayer Leverkusen; Crvena zvezda 2-3 PSV Eindhoven; Club Brugge 0-0 Juventus; Slovan Bratislava 1-3 Stuttgart; Bologna 2-1 Borussia Dortmund.