UMQEQESHI weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, uyavuma ukuthi ubekulindele ukuthi ezakhe zizohambe ziqhuzuke ngemuva kokwenza kahle emidlalweni yakamuva yeBetway Premiership.
ISekhukhune ebisinqobe imidlalo emine kwemihlanu ebesiyidlalile, ibuyele kwamhlaba iguqiswa yiKaizer Chiefs ngo 1-0 kowePremiership ngeSonto, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Yize leli qembu lihluliwe ngempelasonto, kodwa lisahlezi endaweni yesine kwi-log yePremiership ngamaphuzu awu-23, ngaphezudlwana kweChiefs esendaweni yesihlanu ngangu-21.
“Ukudlala kahle kweqembu imidlalo eminingi ilandelana, kuya ngokuya kuyifaka ingcindezi yokuqhubeka nokudlala kahle, nokuyinto ebengiyilindele nakubadlali bami ukuthi izokwenzeka.
“Ngakho ngicabanga ukuthi ukwehlulwa kwethu yiChiefs kuzobaphaphamisa, sikwazi ukubona amaphutha okufanele siwalungise emidlalweni yethu elandelayo,” kusho uSeema.
ISekhukhune ishaywa yiChiefs nje, ibivutha ingabaselwe ivulela isibhaxu kwiCape Town City, Marumo Gallants, AmaZulu neSuperSport, yadlala ngokulingana nePolokwane City.
Nangesizini edlule, iSekhukhune iqede isizini isendaweni yesine kwi-log yePremiership okokuqala selokhu yaqala ukudlala kulesi sigaba ngesizini ka-2021/2022, nokuyiphonsela inselelo yokwenza kakhudlwana kule sizini ukuze igcine ikwazile ukuzibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
“Isizini iseyinde, iseminingi imidlalo esazodlalwa, asikaqedi nomzuliswano wokuqala wesizini.
Ngakho sisenethuba lokulungisa amaphutha, senze kangcono kunalokhu. Nakuba kuyisifiso sethu nathi ukuzibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup kodwa ngeke sizifakele ingcindezi, sizothatha umdlalo ngamunye kuze kube sekugcineni.”
ISekhukhune ivutha kangaka nje ibanga nabakhaya bayo iPolokwane City nayo engagayelwa mphako kule sizini, njengoba isendaweni yesithathu kwi-log yePremiership. IBabina Noko ibuyela ensimini ngomdlalo ngomdalalo wasekhaya weNedbank Cup Last 32 neCape Town City e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMsombuluko ngo-7.30 ebusuku.