Marumo Gallants (1) 3
Royal AM (0) 1
UKUQOQA kwamaphuzu agcwele kweMarumo Gallants ngoLwesithathu ebusuku kwiRoyal AM kufanele ukuba kugxabhise izisu kwabeMaritzburg United, Chippa United, neSwallows FC ezabalaza nabo ngasemsileni we-log kwiDStv Premiership.
Womane la maqembu (Gallants, Chippa, Swallows neMaritzburg), abhekene ngqo nempi yokubalekela ukugencwa yizembe ekupheleni kwesizini.
Ukunqoba kweGallants ngamagoli kaLesiba Nku, Cheick Soumaro noMahlatse Makudubela akulo mdlalo obuseToyota Stadium, eBloemfontein, kuphinde kwawushubisa lo mbango wokubalekela le ndawo embi la maqembu ahleli kuyona.
Elokubika ekhaya leThwihli Thwahla linanyathiselwe enethini wuMfundo Thikazi.
Emidlalweni yeligi engu-24 womane la maqembu aseyidlalile, iGallants inamaphuzu angu-23, Maritzburg (24), Chippa (26) neSwallows (27).
Okwenza umbango ushube wukuthi iGallants ivuka ngeRoyal AM nje, isazothola ithuba lokuzibambela kwiChippa, Maritzburg neSwallows ngaphambi kokusongwa kweka-2022/2023.
Ukwenza kahle kweGallants emidlalweni yeCaf Confederation Cup, kuyenze yaqala lo mdlalo ngokukhulu ukuzethemba okufakazelwa yindlela uNku ashaye ngayo igoli lokuvula inkundla.
Okusheshe kwacaca kulo mdlalo wukuthi iGallants ibidlala ngokuhlangana njengeqembu kanti kwiRoyal AM abadlali bebezizamela ngabodwana.
Yize iGallants ibikhombisa ukuthi ingcono kodwa iThwihli Thwahla ibiqhamuka neminyakazo ebibathulisa abalandeli baseBloemfontein abebephume ngobuningi babo.
Esiwombeni sesibili iGallants ibuye ngomfutho ofanayo kodwa u-Elias Pelembe, bekufanele abuyisele izivakashi emgwaqeni ngomzuzu ka-48.
Yize bese kuphakama imimoya kwabeRoyal AM, iGallants ibilokhu iqhubekile nokulihlikihla ngale ndlela ebishiya izinkulungwane zabalandeli zenelisekile kugqame, uKatlego Otladisa, Nku, Letsie Koapeng, Sibusiso Sibeko noCelimpilo Ngema.
Ngokubona ukuthi kuyonakala, iRoyal AM ifake uMxolisi Macuphu endaweni kaGamaldien, Sedwyn George kwekaPelembe noThikazi, othathe ekaLevy Mashiane.
Ukuyeka inqwaba yamathuba alula kweGallants kugcine kuyibulala njengoba iphinde yabuyela esimweni esibi uThikazi eshaya elokulinganisa ngaphambi kokuthi uSoumaro noMkudubela baqede ukuqagela ngamagoli emizuzwini yokugcina.
Ngaphambi kokuthi uphele umdlalo kuswelakale ozogadla empini phakathi kwabeGallants neRoyal AM, ebelekelwa elinye ithimba layo ebelingekho ebhentshini.
U-Edgar Manaka noSibusisio Sibeko bakhishwe ngamakhadi ebomvu kulandela leyo nxushunxushu nokho akekho owezivakashi othole ikhadi elibomvu. IGallants isizoya kolwela amaphuzu kwiKaizer Chiefs ngoMgqibelo eFNB Stadium. IRoyal AM izokwamukela iStellenbosch ngosuku olufanayo eChatsworth Stadium.