UMQEQESHI weMarumo Gallants uRaymond Mdaka uthi basazimisele ngokuhamba ibanga elide kwiCaf Confederation Cup phezu kwezingqinamba ababhekene nazo kwiDStv Premiership.
IGallants ibivele isizibekisele indawo kuma-quarterfinal alo mqhudelwano ngesikhathi idudulana neSt Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo emdlalweni wokugcina wamaqoqo obuseDobsonville Stadium ngeSonto ebusuku.
Kuyiwe ekhefini izivakashi zihamba phambili ngo 2-0 ngamagoli ashaywe ngu-Allan Kateregga noMalanga Mwaku.
Nokho, iBahlabane Ba Ntwa ithole amagoli amathathu esikhathini esingangemizuzu emihlanu esiwombeni sesibili yanqoba lo mdlalo ngo 3-2.
USibusiso Sibeko uvalele elokuqala ngomzuzu ka-70, uRanga Chivaviro wathola elokulinganisa kusadlule imizuzu emithathu kwathi uJudas Moseamedi washaya elokuwina ngomzuzu ka-75.
“Bekuyinhloso yethu leyo, besifuna ukuqeda siqhwakele yize besazi ukuthi ngeke kube lula. Ngithanda ukuhalalisela abadlali neqembu lonke. Ngicabanga ukuthi senze umsebenzi omuhle kakhulu, sesizobona ukuthi yini elandelayo,” kusho uMdaka.
Lo mqeqeshi uthe bebewazi amandla abadlali abo kanti bebefuna ukunikeza abanye abadlali amathuba, iningi labo yilabo abangadlali njalo, kodwa bebelazi ikhono abanalo.
Uthe bnekungeyona inselelo enkulu ukubona (iLupopo) ihamba phambili ngo 2-0. Ishaye amagoli emizuzwini yokuqala engu-45 kanti bebzi ukuthi kusazodlalwa eminye engu-45.
Uqhubeke ngokuthi kungenzeka ukuthi bakuthathe kalula ukuthi vele sebengenile kumakota bacabanga ukuthi umdlalo olula kodwa bakwazile ukubuya beenza kahle kakhulu ngesiwombe sesibili.
IGallants iqede iqhwakele kuGroup A ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisithupha, ihamba phambili ngephuzu elilodwa kwi-USM Alger yase-Algeria nayo engene kuma-quarterfinal ngokuqeda endaweni yesibili.
Amaqembu azodlala kulesi sigaba azoqhathwa ekomkhulu leCaf eCairo e-Egypt kusasa ngo-8.30 ebusuku.
Ngaphandle kweGallants, amanye amaqembu adle umhlanganiso emaqoqweni awo kube yi -ASEC Mimosas yase-Ivory Coast, i-AS FAR yaseMorocco ne-Young Africans yaseTanzania.
IBahlabane Ba Ntwa izobhekana nelinye lamaqembu aqede endaweni yesibili kwamanye amaqoqo, iRivers United yaseNigeria, Pyramids yase-Egypt neMonastir yaseTunisia njengoba ingeke iqhathwe ne-USM Alger.
UMdaka uthe basibheke ngabomvu isigaba esilandelayo salo mqhudelwano nokuthi yiliphi iqembu abazobhekana nalo.
“Uma usungenile emncintiswaneni awukwazi ukuwuyeka endleleni, kumele uzimisele kuze kube sekugcineni.Silindele izinselelo ezifana nalezi esesidlule kuzona. Bekungelula, yize abantu bengacabanga ukuthi sidlule kalula.
“Ngeke sikhulume okuningi ngoba akukuningi esikwaziyo ngamaqembu esizoqhathwa nawo.
“Ngisho noma ngabe kukhona esikwaziyo okusemqoka ngemidlalo esizobhekana nayo, sizothatha umdlalo ngamunye, ” kuphetha uMdaka.
Ngesikhathi amaqembu eqhathwa iGallants izobe igadulisana neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership ozoqala ngo-7.30 kusasa ebusuku eFree State Stadium.
Yize ikwazile ukucosha amaphuzu kwiConfederation Cup futhi iwaqhulula amagoli khona, kodwa isengcupheni yokudliwa yizembe kwiligi njengoba isemsileni ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-23.
Isele ngamaphuzu amane kwiMaritzburg United (esendaweni ka-15) nangamaphuzu ayisithupha kwiChippa United kodwa womabili la maqembu asedlale umdlalo owodwa ngaphezulu.