Stellenbosch FC (0) 1
Mamelodi Sundowns (1) 2
IMAMELODI Sundowns izibekisele indawo kowamanqamu eNedbank Cup inqoba iStellenbosch FC ngo 2-1 eDanie Craven Stadium, ngeSonto ntambama.
Lo mphumela uchaza ukuthi iSundowns izophinde idudulane nePirates kowamanqamu ozoba seMbombela Stadium ngoJuni 1.
Kuzobe kungokwesibili la maqembu ebanga indebe kule sizini njengoba atholana phezulu kowamanqamu eMTN 8 ngasekuqaleni kwesizini, kwanqoba iPirates kumaphenathi.
Amagoli abeke amaSandawana ethubeni lokuthola indebe yesibili kule sizini ashaywe nguKhuliso Mudau, esiwombeni sokuqala, noThembinkosi Lorch, kwesesibili. Elokubika leStellies liqhamuke kuGenino Palace sekusele imizuzu umdlalo uphele.
Bekuwumdlalo wamagqubu kwazise la maqembu ahlangana kuma-quarter-final alo mqhudelwano nyakenye, kwadlula iStellenbosch ngo 2-1.
Iqembu likaRhulani Mokwena likhombise kuqala ukufuna igoli lalithola ngomzuzu ka-11. ULucas Ribeiro uthole uMudau ezihambela yedwa ngakwesokudla ebhokisini, wadedela ishodi layobhajwa ezintanjeni.
EzikaSteve Barker zibe seziqala ukucindezela, ikakhulukazi ngakwesokudla lapho uDevin Titus ebeyiphela khona endlebeni kuDivine Lunga.
Kwale kancane ukuthi lo mdlali odabuka eZimbabwe azibizele ikhadi elibomvu kwazise ukuthi ubesevele ebhaliwe, kodwa unompempe wagcina ngokumxwayisa.
Ibhentshi leSundowns alipholisanga maseko lakhetha ukumkhipha ngomzuzu ka-27, indawo yakhe yathathwa nguThapelo Morena.
Umdlalo uke wama imizuzu cishe engu-12 ngenxa yokuthi umsizi kanompempe, uZakhele Siwela, udonseke umsipha osethangeni. Ugcine ephumile iduku lathathwa nguChristopher Kistoor.
Ngesikhathi umdlalo uqhubeka bese kuyiStellies ehlasela kakhulu ngokuthumela amabhola amade phambili, kodwa u-Iqraam Rayners abanjwe esemhlabeni ongafanele.
Lo mgadli uyeke ithuba elihle lokubuyisa ezakhe ngomzuzu ka-49 eshaya ishodi elibheke eceleni kulandela iphutha elenziwe uMothusi Aubaas.
Unozinti weqembu likaSteve Barker, u-Oscarine Masuluke usebenze kabili evimba amashodi kaMudau obegijima aze afike phambili enganakiwe.
ISundowns igcine ilandisile igebe ngomzuzu ka-74 ngegoli elingqofwe nguLorch ezihambela yedwa ebhokisini. UMasuluke uzamile ukuliphebeza kodwa laphelela enethini.
Kudlule imizuzu emithathu kuphela amaBrazilians athola iphenathi ngesikhathi uQobolwakhe Sibande esolwa ngokuthela phansi uMudau ebhokisini, uPeter Shalulile wayibeka phezu kwepali.
URibeiro naye umoshe ithuba lokukhulula abalandeli bamaSandawana ngomzuzu ka-81, eshaya into ebheke eceleni ephambi kwepali.
Lokhu kuvulele iStellies intuba yokuzibuyisela emdlalweni njengoba isheshe yathola igoli elibekwe enethini uPalace, kulandela ingcwenga yephasi ebiqhamuka ku-Antonio van Wyk.
UShalulile uzamile ukulungisa iphutha lakhe ngokudonsa intambo engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-90, kulokhu ibhola lashaya ipali, umdlalo waphela ngo 2-1.