UMQEQESHI weChippa United, uThabo September, udalule ukuthi banalo iqhinga ababona lizobasiza badlule kwiKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup.
La maqembu azotholana phezulu kowe-Last 16 eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
IChilli Boys iwashise ijezi iLamontville Golden Arrows kwi-Last 32, iyinqoba ngo 2-1. Amakhosi avule lo mqhudelwano ngokuxebula ama-amesha, iFree Agents FC, ngo 4-0.
IChippa izobe idlala okwesihlanu kulandelana ekuhambeni emiqhudelwaneni ehlukene. Kowakamuva obekungoweBetway Premiership, inqotshwe yiTS Galaxy ngo 1-0.
USeptember uthe iqembu lilulungele lolu hambo olunzima olubheke eGoli, futhi lizimisele ukuqhubekela phambili kulo mqhudelwano.
“Iqembu libukeka lilihle ngaphandle kukaSirgio (Kammies) omisiwe. Sisesimweni esihle futhi sinenqwaba yabadlali esingakhetha kubona abazodlala neChiefs,” kusho uSeptember.
“Kumele singene enkundleni sikhombise amakhono esinawo. Ngaphandle nje kwamaqhinga, kufanele singasabi, sidlale ibhola lethu siqinisekise ukuthi zenza izinto ezifanele ezizogqamisa amangwevu abadlali bethu.
“Njengoba kuwumqhudelwano womkhumulajezi, kufanele sigxile kulo mdlalo owodwa. Sidinga ukuzilungiselela ngokomqondo, sidlale kahle, sizinikele ngakho konke umdlalo uqala uze uyophela. Kumele siwasebenzise amathuba esiwakhayo futhi sibe nenkani emuva ukuze sigweme ukungenelwa amagoli.
“Sinezinhlelo ezinhle okufanele sizilandele, yize sizobe sidlala neqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs. Leli yithuba elihle lokuthi abadlali bazibonakalalise.”
Ngesikhathi iChippa igcina ukubhekana neChiefs koweligi owawuseMoses Mabhida Stadium ngoDisemba, kwanqoba Amakhosi awine ngo 1-0 ngegoli likaMduduzi Shabalala.
Imidlalo ye-Last 16 yeNedbank Cup
NgoLwesithathu: @SuperSportUnited v @CapeTownSpurs (Lucas Moripe Stadium, 7pm)
NgoLwesine: @StellenboschFC v @PolokwaneCity (Danie Craven Stadium, 7pm)
NgoLwesihlanu: @DurbanCity v @TSGalaxy (Chatsworth Stadium, 7pm)
NgoMgqibelo: @MarumoGallants v @AmaZuluFC (DR Molemela Stadium, 3pm); @OrlandoPirates v @BarokaFC (Orlando Stadium, 3pm);
Royal AM/Milford FC v @SekhukhuneUnited (Harry Gwala/Princess Magogo Stadium); @KaizerChiefs v @ChippaUnited (FNB Stadium, 6pm)
NgeSonto: @MamelodiSundowns v Mpheni Home Defenders (Lucas Moripe Stadium, 3pm)