ICHIPPA United ifuna aphumele obala amaqembu ePremier Soccer League (PSL) okunamahlebezi okuthi acathamela umgadli wayo neBafana Bafana, uSinoxolo Kwayiba.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi wamaChilli Boys, uThabo September, kulandela isibhaxu sika 3-0 abasithole kwiKaizer Chiefs kwi-Last 16 yeNedbank Cup ngoMgqibelo, e-FNB Stadium.
Lo mqeqeshi ubuzwe ngamahlebezi abebhebhetheka ngesikhathi kuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali abematanisa uKwayiba namaqembu athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika.
Igama lalo mgadli oseqala ukuba yingxenye yezinhlelo zomqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ubemataniswa ne-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns neSekhukhune United.
UKwayiba useshayele iChippa amagoli amahlanu okungamane kwiligi nelilodwa kwiNedbank kule sizini.
“Okufanele kucace wukuthi ukuba likhona iqembu eliphumele obala ngalo mgadli oneminyaka engu-25 ubudala, ngabe kukhona okwenzekile. Akukhona ukuthi asinandaba nabadlali bethu abamqoka kodwa iqiniso wukuthi siyiqembu okuphoqekile ukuthi lidayise. Iphakethe leChippa lihlukile uma uliqhathanisa nelamanye amaqembu, ngakho-ke siyakwazi okufanele sikwenze ukuze ibhizinisi lizoqhubeke ngendlela,” kusho uSeptember.
“Asilona iqembu elima endleleni yomdlali, ngakho-ke lawa okuthiwa afuna uKwayiba awaphumele obala khona kuzokhulunywa into ekhona, hhayi amahemuhemu.
“Siyamthanda uKwayiba futhi siyaziqhenya ngokudlondlobala kwakhe kodwa futhi siyazi ukuthi ukuze aqhubeke nokubizwa kwiBafana Bafana kufanele adlalele amaqembu athile. Kunemidlalo ethile iChippa engajwayele ukuba yingxenye yayo okufanele ayidlale ukuze ezohlala esemehlweni omqeqeshi weBafana, uHugo (Broos).”
USeptember osizwa nguMabhuti Khenyeza noMorgan Mimmila ebhentshini leChilli Boys, usheshe wakwemukela ukuthi abaseyona ingxenye yeNedbank. Kusasa ngo-7 ebusuku, ezikaSeptember ezikunombolo-11 kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-15, zizovakashela iCape Town City koBetway Premiership e-Athlone Stadium, eKapa.
“Okusemqoka kunakho konke wukukhohlwa ngokwenzeke kwiNedbank ngoba asiseyona ingxenye yayo. Okufanele sikwenze wukucabanga ngokuthi sizoyidida kanjani iCity esiya kuyona ngoLwesibili (kusasa). Angiboni kukhona okuningi okufanele sikuguqule kulo mdlalo weCity ngaphandle kokuqinisa emuva,” kusho uSeptember.
Imidlalo yeBetway Premiership:
Kusasa:
Kaizer Chiefs v SuperSport United (FNB Stadium, 7.30pm); TS Galaxy v Stellenbosch FC (Mbombela Stadium, 7.30pm); Cape Town City v Chippa United (Athlone Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Magesi FC (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm).
NgoLwesithathu:
Golden Arrows v Orlando Pirates (Mpumlanga Stadium, 7.30pm); Marumo Gallants v Mamelodi Sundowns (Seisa Ramabodu Stadium, 7.30pm); Sekhukhune United v AmaZulu FC (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm).