YIZE usekude uMeyi 8, kodwa aya eqonga amagqubu phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns abazobhekana koweDStv Premiership ngalolo suku emdlalweni lapho le zinkunzi eziyobe zitholene phezulu kuwo eFNB Stadium, eNasrec, eSoweto ngoSonto ntambama.
Ukuze iChiefs ifinyelele kulo mdlalo seyazi noma ikhona embangweni wesicoco seDStv Premiership kumele iqale idlule emidlalweni enzima okukhona nezowudlala neLamontville Golden Arrows kuyo le nkundla eseNasrec emdlalweni weligi namuhla ngo-7.30 ebusuku.
Eyokuqonga kwezinkulumo ezizokwenza ngomdlalo ozokuba ngoMeyi 8 ube ngowamagqubu, ngamazwi enjini yeChiefs uPhathutshedzo Nange.
Lo mdlali waseSiloam, eLimpopo, ukuveze engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngoMgqibelo ukuthi bayavumelana nomqeqeshi wabo uStuart Baxter ukuthi umbango weligi uyocaca ngosuku lokugcina, Meyi 21.
“Njengamanje sithatha umdlalo ngamunye, sibheke phansi, sizimisele ngokuqoqa amaphuzu kuze kube wusuku lokugcina nokuyilapho engibona kuyoze kucace khona ngombango wesicoco seligi. Impela umqeqeshi uma esho njalo sivumelana naye kulokho,” kusho uNange.
“Izibalo zisasigcine sikhona embangweni wesicoco seligi. Okwethu njengamanje wukugxila emidlalweni yethu singazixaki ngokuthi izimbangi zidlala kanjani.”
UBaxter ususe inkulumo mpikiswano enkulu emasontweni ambalwa edlule ethi umbango weligi awukapheli ekubeni ozakwabo njengoMandla Ncikazi ocija i-Orlando Pirates bethi usuphelile.
Nebala uBaxter emasontweni amabili edlule uvuthuze uNcikazi ngo 2-1 koweligi nokuvune izinkulumo zabo ngokwehlukana kwazo.
Ukhuluma kanjena nje uNange, kungenxa yakho ukushayela phezulu ngokugingqa iPirates kowomkhaya emdlalweni wabo wokugcina.
“Ngeke ngikuphike ukuthi sibe namasonto amabili amnandi kusukela sihlule iPirates. Nasenkanjini umoya ukahle kakhulu. Sekumele siyibambe kulowo mgqigqo kuze kuyovalwa,” kusho uNange.
Ngaphandle kokuthemba ukuthi isangayithola iligi iChiefs, umoya awumuhle phakathi kwayo neSundowns kulezi nsuku.
Ngeledlule iChiefs icasule abaqeqeshi beSundowns iboleka izimbangi zabo, i-Al Ahly, isikhungo saseNaturena ukuba izilolongele kuso ngaphambi komdlalo weCaf Champions League.
UPitso Mosimane ocija i-Ahly uyincome akangaqeda iChiefs “ngobuntu”. Emuva komdlalo uManqoba Mngqithi, ocija iSundowns, uveze ukunengeka kwakhe ngesenzo seChiefs, enika i-Ahly ubutseste bendawo esikhundleni sokuyishovela kwenamagumbi aphuphile“.
Ngaphezu kwalokhu, ngoMeyi 8 kuzophinde kuvuke inyama ogqokweni ukuthi nangesizni edlule yiChiefs kuphela eyehlule iSundowns njengamanje evule igebe lamaphuzu angu-16 phakathi kwayo neChiefs kwilog.
ISundowns isidlale ka-23 kanti iChiefs esayibambe ku-19, ibambe umoya wokungadlelwa amaphuzu aysithupha ngokungalubhadi emidlalweni emibili yeligi ngoDisemba ikhala ngokuhaqwa yiCovid-19.