AmaZulu FC (0) 1
Kaizer Chiefs (3) 3
I-KAIZER Chiefs iqhubeke nomgqigqo eqale ngawo isizini iqoqa amanye amaphuzu amathathu iguqisa AmaZulu FC emdlalweni we-Betway Premiership eMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.
Amagoli enqobe ngawo avalelwe phakathi nguRanga Chivaviro, uGaston Sirino no-Inacio Miguel ngesiwombe sokuqala, kwathi elaMaZulu lokubika ekhaya lashaywa ngu-Etiosa Ighodaro ngesiwombe sesibili.
Lo mphumela unikeza iChiefs amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili yokuqala nokuyinto osekuphele cishe iminyaka emihlanu yagcina ukuyenza.
Okuqaphelekile kulo mdlalo, wukuthi leli qembu likaNasreddine Nabi, belivutha libangabeselwe esiwombeni sokuqala kodwa kwesesibili bese kuwuSuthu olucindezele waze wayophela umdlalo.
“Kuningi okusamele sikufunde futhi sikulungise kodwa ngizowamukela umphumela omuhle esiwutholile. Lona besekusawumdlalo wesibili weligi, sisakha. Miningi imidlalo esazodlalwa, sidinga isikhathi,” kuphawula uNabi ngomdlalo, kwiSuperSport.
Lokhu akufundisa abadlali beChiefs, uNabi kubukeka kuzomele basheshe bakufunde njengoba nangempelasonto benomunye umdlalo obukeka uzobanzima.
NgoMgqibelo, Amakhosi azokwamukela ompetha beligi bangesizini edlule iMamelodi Sundowns, nabo abasayinqobe yomibili imidlalo. Umdlalo useFNB Stadium ngo-3 ntambama.
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi waMaZulu, uFranco Pablo Martin, uhlalele ethembeni lokuthi bazogcina bewatholile amaphuzu. Usuthu lugingqa iqanda kwi-log ngemuva kwemidlalo emibili. Luhlulwa iChiefs nje beluvule eyeligi ngokuguqiswa iPolokwane City ngo 2-1.
“Angivumelani nokuthi sibe neziwombe ezimbili ezingafani. Umdlalo siwuqale ngendlela ebesifuna ngayo. Siwakhile amathuba kodwa sangakwazi ukushaya amagoli. Nasesiwombeni sesibili besisaqhubeka nokudlala ngendlela ebesihlele ngayo. Ngicabanga ukuthi amaqembu abe namathuba alinganayo kodwa thina kwangasilungela. Ngiyathemba ukuthi maduze sizowuthola umphumela osifanele,” kusho uMartin kwithelevishini.
Usuthu luzodlala neMarumo Gallants, eFree State Stadium ngawo uMgqibelo ngo-8 ebusuku.