Kaizer Chiefs (1) 2
SuperSport United (0) 1
KUFANELE wukuthi bazolala bemamatheka abalandeli beKaizer Chiefs kulandela ukunqamula kwayo umgqigqo omubi wokushaywa emidlalweni yeligi ilandelana ngokunqoba kwiSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Igoli elivule umdlalo lishaywe, uChristian Saile, okube ilona lodwa esiwombeni sokuqala. Kwesesibili uTerrence Dzvukamanja, obesanda kungena ushayele iSuperSport United iphenathi yokulinganisa. Kube uMduduzi Shabalala oqinisekise ukuthi iChiefs iwathola wonke amaphuzu eshaya igoli lesibili.
IChiefs ibize kulo mdlalo isiphendule ukudla kwenduku njengoba bese ihlulwe kwemithathu kulandelana.
Imizuzu yokuqala engu-10 bekuyizivakashi ezibukeka zibonana kangcono. Lokhu akuzange kumangaze kwazise Amatsatsantsa nawo awadinga njengemali amaphuzu njengoba ebengene enkundleni engayazi iwini emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Amakhosi aye ngokuya afudumala aze azithola esehamba phambili ngegoli likaSaile alishaye ngomzuzu ka-19.
Ukungena kwegoli akuzange kuyibohlise i-United, ibilokhu iqhubeka nokudlala ngendlela ewuqale ngayo umdlalo nokho kuyiwe kophunyulwa ingakalitholi igoli lokulinganisa.
Esiwombeni sesibili umqeqeshi wezivakashi uGavin Hunt wenze izinguquko. Ngozmzuzu k-53 i-United ikwazile ukulinganisa ngephenathi.
Idaleke ngemuva kokuthi uS’fiso Hlanti ebambe ibhola ngesandla ingena ngamandla iSuperSport kubhoke, uGrant Magerman noBradley Grobler.
Njengasesiwombeni sokuqala, ukungena kwegoli kube sengathi kuyawaphaphamisa womabili amaqembu kwazise awakhuphulile amasokisi.
Umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson, ufake uMfundo Vilakazi, ngomzuzu ka-67 kwachwaza inkundla ngenxa yenjabulo yokumbona enkundleni lo mdlali osemncane osanda kusayina inkontileka neqembu elikhulu.
UShabalala ubuyisele iChiefs ebuhleni ngegoli alinamathisele enethini ngomzuzu ka-77 kulandela umsebenzi omuhle kaSaile.
Emuva kwalo uJohnson uyaleze abafana bakhe ukuthi abavale emuva kwaze kwaba umdlalo uyaphela. Lo mphumela ubuyisele iChiefs kwi-Top 8.