UKUVUMBUKA kwemvula yabadlali abancane ngokweminyaka abanethalente baseBrazil, kwenza leli lizwe libukeke lisethubeni lokudla isicoco seNdebe yoMhlaba eyasigcina eminyakeni engu-20 edlule.
Kusukela iBrazil igcine ukukhonya emhlabeni ngo-2002, eKorea/Japan, leli qembu lesizwe okuseyilona lodwa eselibe ngompetha bomhlaba amahlandla amahlanu, bekungathi lihlehla nyova.
Ngaphandle kokuthembela kuze kweqe kuNeymar wePSG, akekho umdlali obekuthi uma kuyiwa kwiNdebe yoMhlaba kucace ukuthi naye amathemba eBrazil asemahlombe akhe.
Ngo-2014, leli qembu lesizwe lingosokhaya balo mqhudelwano, lakhishwa yiGermany kowandulela owamanqamu ngehlazo lika-7-1. ERussia ngo-2018, iBrazil iphume kuma-quarter final ishaywa yiBelgium.
Kulokhu uNeymar akahambi yedwa kepha uphahlwe ithalente elimangalisayo macala onke kusukela kuVinicius Jr noRodrygo bobabili beReal Madrid, Richarlison weTottenham, Gabriel Jesus we-Arsenal, Anthony weManchester United noRaphinha weBarcelona.
Lokhu kwenza leli qembu lesizwe elingakaze leqiwe umqhudelwano weNdebe yoMhlaba emlandweni libe ngelinye lathishwe ukuba ahambe ibanga kwiNdebe yoMhlaba eqala ngeSonto, eQatar.
IBrazil eliholwa uThiago Silva (38) weChelsea iboshelwe neSwitzerland, Serbia neCameroon ku-Group G.
Akuyona iBrazil yodwa ekhonjwa njengelinye lamazwe angase aqukule ngoDisemba 20 kepha ne-Argentina eholwa uLionel Messi, wePSG, iyabalwa uma kumunyungwa abangase babe ngompetha.
I-Argentina iliqedile elayo ishobolo nyankenye, idla isicoco seCopa America obese kuphele iminyaka engu-28 yagcina ukuyiwina. Ikwenze lokhu ngokunqoba kwiBrazil kowamanqamu.
EzikaMessi ezishaywe kowamanqamu ngo-2014, eBrazil zase ziphuma kwi-Last 16 eRussia, zibheke ukuvalelisa umholi wazo (uMessi okubukeka sengathi uzobe edlala koweNdebe yoMhlaba okokugcina), ngesicoco leli qembu lesizwe elisigcine ngo-1986, liholwa uDiego Maradona.
Ku-Group C, i-Argentina iqhathwe neSaudi Arabia, Mexico nePoland.
Amazwe afana ne-England, Spain, Netherlands nompetha iFrance, ayabalwa kwabhekiwe kodwa eza ngemuva kwiBrazil ne-Argentina.
IGermany engelinye lamazwe anomlando omuhle koweNdebe yoMhlaba akekho osho utho ngayo kanjalo nePortugal kodwa womabili la mazwe asekhombisile eminyakeni edlule ukuthi anganqoba nanoma imuphi umqhudelwano omkhulu.